Bahlalele ovalweni “ngomhhume wabaphangi”

0
99

UMPHAKATHI owakhele izindawo ezizungeze iSiphingo naselokishini eMlazi uhlalele ovalweni ngenxanxathela yezitolo esiphenduke umhhume wabaphangi kulandela ukutholakala kwezidumbu ezimbili zomndeni wakwaJaers ngeledlule.

Izidumbu zika-Ashly Jaers (30) nomshana wakhe u-Lee-Ann, zitholwe zilahlwe ngemuva kwenxanxathela yezitolo ebingasasebenzi eMlazi, eningizimu yeTheku, ngempelasonto. Ngesikhathi sokuloba lolu daba bekungakaboshwa muntu. U-Lisa Jaers, umama ka-Lee-Ann oneminyaka engu-17 ubudala uchaze kabanzi kwabemithombo yezindaba indlela isidumbu sengane yakhe esatholwa ngayo umshayeli webhasi.

“Sifunela indodakazi yami nodadewethu ubulungiswa, indlela abasale ngayo, indlela abatholwe ngayo belalise okwezilwane ibinengeka futhi ingabekezeleleki,” usho kanje. Umama obebonakala ukuthi ukhungathekile uthe indawo yabo ayiphephile. UJaers uphinde washonelwa ngudadewabo otholwe eshaywe ngesihluku futhi ebulewe kulona leli cala. “Kungukulahlekelwa okukhulu – kuyadabukisa angazi ukuthi ngithini. Udadewethu naye, ubenabantwana abathathu. Angazi nje ukuthi kungani lokhu kwenzeka kithi. Le ndawo ayiphephile. Enyangeni nje edlule, enye yamantombazane eyayisegcekeni lakithi ihamba namaphasela ayo, kwafika imoto yama yathatha amaphasela ayo. Ibikhulelwe, bayiphushela emgwaqeni, base bentshontsha. Khona lapha, kunebhuloho, abantu bayabanjwa inkunzi futhi babulawe,”usho kanje.

USihlalo weSiphingo Community Policing Forum, u-Aidan David, uthe lenxanxathela yezitolo engasasetshenziswa isiphenduke indawo esetshenziswa yizigebengu. “Lenxanxathela yake yaba yisizinda samabhizinisi, ibisiza abantu balapha eSiphingo naseMlazi. Ngemva kokuphangwa ngomhla ka-11 Julayi, ayibanga isasebenza, ngakho osomabhizinisi abadonsa kanzima abanayo imali yokulungisa lo monakalo. Ngenxa yalokhu, seyiphenduke indawo yokukhosela, nakubantu abangenamakhaya, nakubadayisi bezidakamizwa. Manje isiphenduke umgwaqo, ngisho nezigebengu seziwusebenzisa ukusuka kwenye indawo ukuya kwenye lokhu osekudala okukhulu ukukhathazeka,” kuchaza uDavid.