
UMASIPALA weTheku uthi konke sekumi ngomumo ekugcotshweni kweNkosi uMisuzulu kaZwelithini ngoMgqibelo eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.
NgoMsombuluko isiGungu esiphezulu (i-Exco) kuMasipala sivakashele iSilo samaZulu esigodlweni saso KwaKhangelamankengane KwaNongoma ngenhloso yokuzethula. Ithimba beliholwa yimeya uKhansela Mxolisi Kaunda kanti belihlanganisa namakhosi (abaholi bomdabu) asuka kumasipala weTheku. Esitatimendeni esikhishwe ngemuva kokuvakasha, uKaunda uthe inhloso bekuwuyozethula eSilweni base besichazela ngamalungiselelo abo osuku oluyingqophamlando esizweni samaZulu. “Sisiqinisekisile iSilo ukuthi ngokubambisana neHhovisi likaMengameli kanye neHhovisi likaNdunankulu, umasipala usumi ngomumo ukusingatha lo mcimbi futhi zonke izinto sezimi ngomumo. ISilo siwuthokozele lo mbiko saveza nokuthi sijabule ngendlela uhulumeni asebenzisana ngayo ukuqinisekisa impumelelo yalo mcimbi oyingqophamlando,” kusho uKaunda.
Yize umasipala usazohlinzeka ngohlelo olunemininingwane yokuvalwa kwemigwaqo kanye nokuphambukiswa kwezimoto, sekukhona nophawu oluzungeze inkundla yezemidlalo iMoses Mabhida oluthi izovalwa yonke imigwaqo emikhulu eyizungezile. Ngesonto eledlule uNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu (Cogta), uDkt Nkosazana Dlamini Zuma, uhole lapho kuhlolwa indawo yomhlangano kanye noNgqongqoshe wamaPhoyisa uBheki Cele kanye noNgqongqoshe we-KZN Cogta. Uthe inkundla izothatha abantu abangu-48 000 njengoba ezinye izihlalo zizobe zingasebenzi ngoba zizoba ngemuva kwesiteji. Njengakuyo yonke imicimbi emikhulu uthe kunohlelo lwezokuphepha oluzoqinisekisa ukuthi lesi sikhathi iyingqophamlando asibi nezigameko.
Phakathi kwasebekuqinisekisile ukuthi bazokwethamela ukugcotshwa yinkosi yase-Eswatini uMswati III. Inkosi uMswati ingumalume wenkosi yakwaZulu njengoba ingumfowabo weNdlovukazi uMantfombi Shiyiwe Dlamini-Zulu ongasekho, unina wenkosi yokugcina. Inkosi uMisuzulu uyinkosi yesishiyagalolunye kwaZulu kusukela isizwe sasungulwa ngo-1816 yinkosi yodumo uShaka. Uthatha isihlalo sobukhosi kuyise, iNkosi uGoodwill Zwelithini, okhothame ngoMashi nyakenye ngemuva kokubusa iminyaka engu-49.






