INHLANGANO yezombusazwe egxile kakhulu futhi ekholelwa embusweni wezwe ohambisana nobuNkulunkulu phakathi, i-African Freedom Revolution (AFR) seyiqale izinhlelo zokulungiselela ukhetho lukazwelonke lwango-2024.
Kulezi zinhlelo ngokusho kukaMengameli we-AFR, uSolwazi Archbishop TB Ngcobo (osesithombeni) kukhona ukubuyekezwa kwezinhlelo abebesebenzela phezu kwazo okhethweni lohulumeni basekhaya obelungonyaka odlule. “Ngemuva kokuthi sidle okhethweni lohulumeni baseKhaya obelungomhlaka Novemba 2021. I-AFR isikwaze ukwakha amanye amagatsha eGoli, naseKZN, Eastern Cape naseWestern Cape. Sithe uma sithatha isinqumo sokubuka ukhetho, lukaNovemba 2021 sabona ukuthi inhlangano siyakhile kodwa ukuyakha kwethu, sayakha phezulu, phansi ebantwini ingekho,”kusho uSol. Archbishop Ngcobo. “Isinqumo esisithathe emhlanganweni ebesinawo ngoMashi savumelana ukuthi ake sihambe siyokwakha amagatsha wona abe esakha ama-Sub Branches. Yilokho esikwenzile Sisbona kusiqhubela kakhulu kulezi zifundazwe ezine okuyizona esizihlonzile,”kucacisa yena.
Mayelana noBongani Mavuso obebambe iqhaza elikhulu emsakazweni wesizulu uKhozi FM, uthe, “Lapha uSABC noma ngithi oKhozini yilapho esingasho khona sithi alale ngokuthula uBongani Mavuso ngoba thina njengenhlangano ye-AFR uyena muntu wokuqala owakwazi ukukhuluma nathi oKhozini olulalelwa abantu abako-8 million. Nabo Sicelo Mbokazi bebeyidlala indima yokukhuphula izinhlangano lezi ezikhulayo, ikakhulukazi ezenkolo njengoba besikhuluma ngombuso onobuNkulunkulu phakathi. Siyawabonga amagalelo abo abawenza ngesikhathi besaphila. Nalaba abaseleyo kungathi ngoba singamaqembu amancane singakutholi ukwesekwa ngoba ayikho into eyaqala inkulu yehla. Abazi ukuthi ukuqala kwethu sibancane sizonyuka. Namakholwa maningi kakhulu emhlabeni. Lokhu kuchaza ukuthi uma isakhiwo sethu sigcwele amakholwa lokho kuchaza ukuthi sizokwenza kakhulu okhethweni luka-2024”.
“Ziningi izinhlangano zamakholwa ezinye sezisijoyinile. Kumanje sinezinhlelo zokuhlangana nezinhlangano zepolitiki zamakholwa kanti ezinye zazo sesike saxhumana nazo. Phezu kwakho konke lokho izinhlangano eziningi zamakholwa sezikhombise okukhulu ukuseseka sibheke okhethweni luka-2024. Phakathi kwazo kukhona iGod’s Church Must Rise, kube uPhakama Zion. Kulama-Alliance esinawo siyaphambili,”ubeke kanje. “Umbono wethu ngo-2024 sithe, uma i-AFR ingaba yingxenye yokuphathwa kwezwe, izothi ayiludingi uhlelo lwamathenda, asibadingi abantu abakuleli ngokungemthetho, bese kuhlanzwa wonke amadolobha akhona eSouth Africa ngokubakhona kwabakuleli ngokungemthetho. Yiwona mgogodla we-AFR esithi ngayo abantu baseNingizimu Afrika lo 58 % okhona njengamanje wabantu abangasebenzi, udalwa ukuthi wonke ama-tuckshop abalawulwa ngabantu bokufika. Uma ungahamba uliqede iTheku uzothola ukuthi akukho lapho sikhona. Uma ungahamba ubuka ama-femu wonke akhona eSouth Africa uzothola ukuthi anabantu bokufika ngoba bakwazi ukubaholela imali encane, bese uyabuya uzobuka amafulethi edolobheni uzothola ukuthi wonke amafulethi aphethwe abokufika,”kusho uSol. Archbishop Ngcobo.
Mayelana ne-Operation Dudula uthe, bayeseka kakhulu bona njenge-AFR ngoba umgomo wabo uyabagunyaza, wathi ubagunyza nje, uthe baneNingizimu Afrika engadayiswa okuyiyona eyiJoint Operation ekhona njengamanje futhi angumengameli wayo. “Sonke la sikhuluma ngezwi elilodwa sithi asibafuni abakufika abakuleli ngokungemthetho bese kuzothi laba abakuleli ngokusemthethweni abangafiki benze amabhizinisi lawa amancane futhi. Kufanele benze amabhizinisi anenzuzo ka-R5million ngenyanga. Lokhu kusho ukuthi abawona ama-Investors kodwa bala ukuzosephuca amabhizinisi ethu amancane kanti angawethu amabhizinisi amancane kanye nomsebenzi.
Ubugebengu obudlange eSouth Africa kudalwa ukungasebenzi kwamaSouth Africans, okwesibili izibalo ezikhishwe uBheki Cele (uNgqongqoshe wamaPhoyisa) zikubalulile kamhlophe ukuthi u-90 % wobugebengu obenzekayo kufaka phakathi abokufika kuleli. Banezibhamu ezingekho emthethwen. Ubonile koZamazama kuvela ukuthi kunamacala okudlwengula, ukubulala kodwa okungamacala angalandeleleki akhona ngenxa yabokufika,”usho kanje. “Okwesibili kube yilokhu kokuthi abokufika bafike nezibhamu ezinkulu. Yilokho okwenza siweseke kakhulu umkhankaso esinawo ukuthi abakuleli ngokungemthetho ababuyele emazweni akubo ngokukhulu ukuhlonipha,”kuqhuba uSol. Archbishop Ngcobo. Ephawula ngezokuphepha eThekwini uthe, ngokwesimo seTheku kusobala, wathi okokuqala kufanele kukhishwe uKhansela Mxolisi Kaunda njengoba eyiMeya. Kungani simkhipha wukuthi naye unohlangothi lokuba ngowokufika kuleli.
“Njengamanje into edala ukuthi sikubalule lokho ukuthi yingoba njengamanje uthumela amaphoyisa uMetro ukuthi uzoxosha abantu ematafuleni ukuze akwazi ukuzuza umbono wokunikeza abokufika kuleli amaphemithi okuthi kube yibona abaphatha iTheku ngokwezamabhizinisi. ITheku lingcolile, linobugebengu, akuselona iTheku leli esikhule sazi ukuthi uma uya eThekwini kufanele ugqoke kahle, sekuyiTheku nje lapho khona ubona kuvuka abantu nezingubo zokulala, abanye beqimbe ngaphezulu izinto esazingazazi sisakhula. Lokhu okukhombisa ukuthi akukho ukulihlonipha iTheku. Okunye okungasilungela eThekwini ukuthi kushintshwe iMeya, okwesibili bese kubukwa ama-Officials ngoba nawo anamatafula lapha ngaphakathi kuma-Informal Traders, lokhu okungabe kunikezwa omama abazozimela abafundisa izingane ithuba lokuthi bakwazi ukufundisa izingane ngemali yasemgwaqeni.






