
UMASIPALA weTheku usuzozimaketha njengendawo oyikhethayo uma uzosingatha umcimbi wokunikezelwa kwesitifiketi seSilo samaZulu uMisuzulu kaZwelithini ngoMgqibelo.
Umcimbi wokunizelwa kweSilo isitifiketi kulindeleke ukuthi ube ngoMgqibelo, Okthoba 29, eMoses Mabhida Stadium, eThekwini. Kulindeleke ukuthi uZulu utheleke ngezinkani kulomcimbi ozobe wenganyelwe uMengameli wezwe, uMnuz Cyril Ramaphosa. Lokhu kuzibophezela kwenziwe emhlanganweni wekomidi eliphezulu (Exco), ngeledlule lapho kwethulwe khona umbiko nguSihlalo wekomiti lezemisebenzi yomphakathi, uKhansela Zama Sokhabase, ocacisa ngezinto ezihlelelwe idolobha njengengxenye yemigubho. USokhabase uveze ukuthi idolobha lisukumele phezulu ngoba umcimbi namalungiselelo awo uholwa uhulumeni kazwelonke nowezifundazwe.
Utshele amalungu e-Exco ukuthi inhloso enkulu yalo mcimbi bekuwukuhlonipha uMisuzulu njengenkosi, “ngokwemigomo kahulumeni”. Ugcizelele ukubaluleka kwalo mcimbi ozobe uhanjelwe nguMengameli Cyril Ramaphosa awuchaze njengowenzeke kanye empilweni yabantu abaningi. Ilungu le-Exco, uThanduxolo Sabelo, uthe azikho izindleko okufanele zigcinwe ngoba lo mcimbi uzoba ngobalulekile kwezomnotho edolobheni. “Kuzoba nezinhloko zezifundazwe ezizofika edolobheni lethu okuhlanganisa neNkosi uMswati (yaseSwatini), namahhotela azobe ebhukhwe ngokugcwele, ngakho kubalulekile ukuthi senze konke okusemandleni ukukhombisa idolobha lethu ukuze kube neminye imihlomulo,” kusho uSabelo.
Uthe lo mcimbi uzophinde unikeze abadayisi bezimpahla zesintu ithuba lokuthi benze imali ngokudayisela izivakashi izimpahla zabo. Isamba sokuqala sika-R910 000 sibekelwe ukubhukha le ndawo kanye nezindawo ezichichimayo, kodwa bekulindeleke ukuthi kudingeke enye imali yokuthutha nokubhekelela inqwaba yabantu abazobe besenkundleni yezemidlalo iMoses Mabhida, okuyinkundla yokugcotshwa kwenkosi. Ingxenye yamalungiselelo edolobha ihlanganisa nokuxoxisana nabaholi bendabuko eThekwini, kanye nokuqinisekisa ukuthi imiphakathi yasemakhaya iyalithola ithuba lokuthamela lomcimbi.
Lo mcimbi uthathwa njengobalulekile ekuqinisekiseni ukuthi idolobha liyaqhubeka nokuheha izivakashi futhi liqala ukubuyisa inkazimulo elahlekile ngenxa yalolu bhubhane, oludale umonakalo omkhulu embonini yezokuvakasha. Amalungiselelo amenyezelwe yidolobha aza ngemuva kosuku uNgqongqoshe wamaPhoyisa uBheki Cele kanye noNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu uNkosazana Dlamini Zuma behlole le ndawo.
Khonamanjalo, kuphinde kwavela ukuthi uphiko lwabesifazane be-ANC KwaZulu-Natal luzovakashela isigodlo saKwaKhangelamankengane ukuzohlonipha iSilo. Umdidiyeli wethimba lophiko lwabesifazane be-ANC KwaZulu-Natal, uMnuz Fikile Masiko, uthe le nhlangano inqume ukuvakashela esigodlweni ukuze ihlangane neSilo ngaphambi komcimbi obhekwe ngabomvu wokunikeza umengameli lesi sitifiketi. Uthe ukugcotshwa kwakungeke nje kube umcimbi obaluleke kakhulu okufanele ubonwe yibo bonke abantu baseNingizimu Afrika, kodwa nokuthi ukubusa kwenkosi kwenzeka ngesikhathi esinzima kakhulu emlandweni wezwe.






