AmaZulu nemizamo yokubuyisa isithunzi

0
98

AMAZULU FC athathe isinqumo sokwehlana ngezindlela nobengumqeqeshi wawo uBrandon Trutter ngemuva kokungatheli izithelo ebezilindelekile, aqoka obengumqeqeshi weMarumo Gallants uRomain Folz njengomqeqeshi omusha weqembu.

USuthu olusanda kuqeda ubudlelwano noTrutter ngemuva kwemiphumela emibi ehlanganisa ukuhlulwa kathathu emidlalweni yalo emine edlule, kowakamuva libhekene nabafana abasha iRichards Bay FC phakathi nesonto. Usuthu seluphumele obala lwesifiso salo sokulwela zonke izindebe ezikhona kulo mkhankaso, kanti kulokhu lukhethe ukuthi le nsizwa yaseMorocco ihambe phambili. “AmaZulu ayakuthokozela ukumemezela ukuqashwa kwabaqeqeshi ababili uRomain Khalid Folz no-Ayanda Dlamini njengomqeqeshi kanye nephini lokuqala lomqeqeshi ngokulandelana kwabo, kusukela namuhla kuze kuphele isizini yamanje (2022/23) ezayo ngoJuni,” kusho isitatimende seqembu. “URomain Folz, odabuka eMoroccan, eFrance, ungusomaqhinga onekhono nonengqondo ehlaziya ibhola. Ubengumqeqeshi weMarumo Gallants kuze kube muva nje. U-Ayanda Dlamini ubengumqeqeshi waMaZulu FC ngaphambi kokufika kukaBenni McCarthy ngoDisemba 2020. Kusukela lapho ubesebenza nerizevu yaMaZulu FC okuyiqembu elidlala kwiDStv Diski Challenge,” kuqhuba isitatimende.

UMengameli waMaZulu, uSandile Zungu, ubezama ukusungula uhlobo olusha lwabadlali kuMaZulu, abadlali abalangazelela nabakulambele ukuhlangana namaqembu ahamba phambili kuleli. Uphinde waveza izifiso ngesinqumo seqembu sokuheha uFolz oSuthwini. “Ngiyaphinda ngiyathembisa abalandeli bethu ukuthi ngizokwenza konke okusemandleni ami ukubuyisa udumo kuMaZulu,” kusho uZungu “Singakwazi, futhi sizophonsela inselelo izindebe kuleli nasezwenikazi lase-Afrika. Njengeqembu elidala kunawo wonke kuDStv Premiership, Usuthu luyifa lebhola laseNingizimu Afrika ngakho-ke kumele sizilungise ngokushesha uma sifika ezembeni,”uphethe kanje.