Kuzoshiyana ukwenza koweNdoni

0
150

Kuzobe kushiyana ukwenza ezinsizweni nasezintokazini ezimele izifundazwe ezahlukene emcimbini kaMiss & Mr Indoni Cultural SA

KULINDELEKE ukuthi kushiyane ukwenza emcimbini omkhulukazi ohlanganisa intsha yakuleli ngamasiko ahlukene uMiss & Mr Indoni Cultural SA okubhekeke ukuthi ube maduze nje.

Lomcimbi owasungulwa nguDkt. Nomcebo Mthembu kulonyaka ozobe uhlanganisa iminyaka engu-10 wasungulwa izinsizwa nezintokazi ezizobe zikhiphana inkani zimenyezelwe emcimbini obuseLimpopo muva nje. USbongakonke Mnyandu benoSmangele Mngoma baqokwe njengabazomela isizwe samaZulu kulomqhudelwano wokukhombisa ikhono ngokuzigqaja ngemvelaphi yakho kanye namasiko. Ngokusho kukaDkt. Mthembu kulonyaka kuzobe kungokokuqala nqa lapho abafundi abaklonyeliswa ngonyaka odlule 2021, bezobe behlela umcimbi obizwa nge Indoni Academic Achievement awards, ozobungazwa mhlaka 16 December 2022. Ngemuva kwalokho kulindeleke ukuthi kuvulwe isikole seNdoni samasiko okulindeleke ukuthi kube ngoDisemba 17, kulonyaka.

Selulonke uhla lwalonyaka labangenele lomqhudelwano lumi kanje:- (Zulu kingdom) :1 – Sibongakonke Mnyandu, 2 – Smangele Mngoma; ( Mpondo kingdom) :3 – Tobelani Ntlanyana, 4 – Smangele Tikana; ( Swati kingdom):5 – Lungelo Zikalala, 6 – Sihle Mdluli; (Pedi): 7 – Magau Monyela, 8 – Nchabeleng Ntsweletau; (Xhosa) :9 – Mikhaya Tshetu, 10 – Yenzokuhle Bhusakwe: ( Sotho) : 11 – Let lotto Mofokeng, 12 – Fokosi Mathetsuoa; (Venda) : 13 – Ramutsindela Khumbudzo, 14 – Vhugala Mphaphuli; ( KhoiSan): 15 – Deron Frans, 16 – Annamie Shangara; (Tswana): 17 – Mfati Keabetswe, 18 – Monyai Refilwe; ( Thembu) : 19 – Ntando Desemela, 20 – Andisiwe Vingqi; ( Tsonga kingdom): 21 – Rhulani Makaringe, 22 – Wendy Mabunda; ( Ndebele kingdom): 23 – Siyabonga Kabini, 24 – Zinhle Motha.