Wenza ezibukwayo kwezemfashini owashiya phansi umsebenzi

0
229
USamke Maphumulo wenza ezibukwayo kwezemfashini

USESEBENZISANA nezitolo zaseLimpopo nezaseMpumalanga umsiki wengqephu owalaxaza umsebenzi wangenela emkhakheni wezemfashini, uthi akukho okuyoke kumenze esebenzele omunye umuntu ekubeni esenezandla nezinyawo.

USamke Maphumulo weSamkez Creations, waseMangamazini, ngaseFolweni, eningizimu yeTheku, uthi wazi esemncane ukuthi ufuna ukuba semkhekheni wezemfashini. Uthi kwakunzima ukuvuka eye emsebenzini, wagcina ngokulaxaza konke wayofundela ukusika ingqephu. “Ngahamba ngayofesa njengontanga yami kodwa enhliziyweni yami kwakuhlale kunesilonda esingapholi. Nganginokwesaba ukuthi ngizoqala kanjani, kwagcine kufika lapho sengehluleka khona ngabe sengizinikela ngokuphelele kwimfashini.”

UMaphumulo waqala ibhizinisi lakhe ngo-2018, uthunga izimpahla zabesimame aphinde enze nemgexo. Nakuba kuthathe isikhathi eside ukuthi lenze imali kodwa uthi akuthokozelayo ukuthi uvuka ekuseni enze into ayithandayo. “Bese ngiqala ukwenza kahle, kwaphazamisa ukubheduka kweCovid-19 eyangiphazamisa kakhulu ngoba izimpahla eziningi engizithungayo ezemcimbi, imgomo yoKhuvethe yavala imcimbi okusho ukuthi ngalahlekelwa amakhasimende,” kusho uMaphumulo.

Nakuba ukubheduka kwalolu bhubhane kwamphuca iqatha emlonyeni kodwa kwaphinde kwamvulela ithuba lokonga imali ngokusebenzela ekhaya. Lokhu kusho ukuthi usonga imali eningi. Amakhasimende aya kuye ekhaya noma ewaposele izimpahla zawo.  “Kuyisifiso sami ukuba nezitolo zeSamkez Creations ezindaweni ezehlukene lapho kuzotholakala khona izimpahla zami, ngikhiqizele abantu abasha imsebenzi. Ngiyazi ukuthi umsebenzi wami usezingeni inkinga ukuthi abantu abaningi abakazi ngawo.”

USamke useke wakhangisa imkhiqizo yakhe kwiDurban Business Fair, TEA Township Entrepreneur’s Alliance nakwezinye izindawo. Uthe akufundile kulo mkhakha ukuthi akusizi ukuhlala dekle phansi kodwa kudingeka uzihluphe ngempumelelo. “Awukho umkhakha olula, kunzima ndawo zonke. Okubalulekile ukuthi uvuke uzithuntuthe ngoba akekho ozofika ezokuhlenga. Izimo zobunzima ziyafika zedlule, okubalulekile ukuthi wenzani ukubhekana nazo,” kusho uMaphumulo. Uthe nakuba umkhakha wezemfashini unobukhazikhazi kodwa akusiwo wonke umuntu okujabulelayo ukusebenza kuwo, futhi akusiwo wonke umuntu ophumelelayo. Uthe kubalulekile ukufunda ngawo ngaphambi kokuzinikela kuwo.