Kugqugquzelwa uthando lokushovwa kwa mabhayisikili

0
67
Ukushovwa kwamabhayisikili sekuphendulwe ingxenye enkulu yosikompilo KwaMashu

IYAQHUBEKA imikhankaso yokufundisa nokugqugquzela uthando lokushovwa kwamabhayisikili ezinganeni zaKwaMashu. Kowakamuva iZoelihle KIDS ngokubambisana neWe Feed SA, Team Saita, Cycle Specialists kanye neLightspeen SA bahlele iBike Fun Day ebiseThobza Bike Centre ekulo leli lokishi.

Izingane zifundiswe nangokubaluleka kokushovwa kwamabhayisikili, ikakhulukazi ekulweni nokukhuluphala okweqile. Obeqeqesha izingane uMnuz Siyanda Gumede, uthe kusemqoka ukuthi izingane zithole into ezijabulisayo, ezozenza zihambele kude nezinto ezingalungile. Uthe bakholelwa kakhulu ekutheni ikusasa lezingane kumele libunjwe kusanesikhathi.