
UKHISIMUZI usheshe wafika kwintombi endala yaseMbumbulu ethole okhiye bendlu yayo entsha eyakhelwe iCollen Mashawana Founfation ngemuva kwesikhathi eside ihlala endlini engekho kwisimo esihle, ebisingabhidlika noma inini.
UNkk Maphumulo (80) wabhidlikelwa indlu yakhe ngenkathi kuhlasele izikhukhula ezinyangeni ezedlule. Ebehlala kuyo nabazukulu bakhe ababili abangasebenzi. Isimo besisibi kangangoba omakhelwane baphuma umkhankaso wokumutholela usizo. Le nhlangano imakhele indlu ngokubambisana ne-Afribiz Construction, Ukhozi FM kanye ne-Old Mutual. Indlu inayo yonke ifenisha, ihambisana nethangwe lamanzi. Ngaphezu kwendlu, abaseSpar banikelele uMaphumulo ngokudla okudle imali engu-R5 000. UMnuz Collen Mashawana onguMsunguli wenhlangano, uthe kusemqoka ukuqinisekisa ukuthi ogogo nomkhulu baphila ngaphansi kwezimo ezikahle ukuze bezophila impilo ende, wangeza ngokuthi uMaphumulo uzophila impilo ende ngoba usezohlala ngokunethezeka. “Kumele siqinisekise ukuthi siyalekelelana ukuguqula isimo sempilo. Akudingi ukuthi uze wakhe indlu kodwa ukubheka nje ukuthi umakhelwane wakho uyaphila nokuthi ikuphi akudingayo,” kusho uMashawana.
Uthe umnikelo usho lukhulu kulowo osuke ewamukela ngoba uyazi ukuthi uzoyiguqula kanjani impilo yakhe, akukhethi ukuthi kubukeka kukancane kangakanani. Uphethe ngokuthi ukusiza omunye umuntu kwandiselana izibusiso. “Esikwenzele ugogo sesikwenzele abantu abangaphezu kuka-300 eNingizimu Africa. Akekho noyedwa engimaziyo kubo. Ngihlangana nabo ngoba kukhona umakhelwane osuke ebone usizi lwabo ebese ebacelela usizo,” kusho uMashawana. UMaphumulo uthe usamangele ukuthi le nhlangano imakhele indlu. Ubonge kwinhlangano kanye nalesi siteshi somsakazo, wathi akujabulela kakhulu ukuthi ngeke esalala obenyoni ngenxa yokwesabela ukuthi angabhidlikelwa uphahla.
“Ngithanda ukubonga nakumfana wakwamakhelwane uNtuthuko okunguye owasukuma wangifunela usizo. Ngabe kukhulunywa okunye ukube yena nomama wakhe abazinikelanga ekusizeni mina nomndeni wami,” kusho uMaphumulo. UNks Sibongi Ngcobo oyiMenenja kuKhozi FM, uthe izinhlangano ezifana neCollen Mashawana Foundation zibalulekile emphakathini ngoba zivala igebe lokushoda kwezidingongqangi. “Siyakhuthazeka ngokubona umsebenzi owenziwa ile nhlangano wokuqinisekisa nokubeka phambili izidingo zabantu. Muhle umsebenzi ewenzile, siyakujabulela ukuthi isinike ithuba lokuba ingxenye yezinhlelo zayo zokuguqula izimpilo zabantu,” kusho uNgcobo.






