Uthembisa ukugila izimanga ongenele uzime

0
228

ULuthando Gambushe onguzime osemncane, useqalile ukudlisela ogageni abalingani bakhe

UMNDENI wentombazanyana yaseMlazi, esisemzuliswaneni wokugcina wozime baseThekwini iMiss Ethekwini Role Model, usucele ukuba kwesekwe indodakazi yawo ohambeni lwayo kulo mncintiswano.

Umama kaLuthando Gambushe (5), uNks Nokuphiwa Gambushe, uthe akangabazi ukuthi indodakazi yakhe izokwenza ezibukwayo kulo mkhakha kwazise isiqalile ukudlisela ogageni bonke eqhudelana nabo. ULuthando, ofunda uGrade 1 eMaranatha Primary, useke wanqoba kwimincintiswano efana noMiss KZN Ambassor 2022 kanye neMiss KZN Congenality. Ngokusho kukaNks Gambushe uLuthando waqala ukuba nothando lwezokumodela ngemuva kokubona uZozibini Tunzi owayenguMiss SA ngo-2019. “Njengomzali, ngabona ukuthi unothando lwezokumodela ngase nganquma ukumeseka. Uyingane ezimiselayo, angingabazi ukuthi uzokwazi ukumelana nakho konke azohlangabezana nakho ohambeni lwakhe kulo mkhakha,” kusho uGambushe.

Uthe okwamanje usahlele ukuthi ayise uLuthando esikoleni sezokumodela ukuze ezothola izifundo kwasebemnkantshubomvu kolo mkhakha, wengeza ngokuthi nakuba ezomseka kwezokumodela kodwa isikole siyohlale sihamba phambili. “Ngiyamufundisa ngokubaluleka kokuzihlelela isikhathi sokunaka ukumodela nomsebenzi wesikole. Ngikholwa ukuthi isikole siyisisekelo sawo wonke umkhakha. Ukumodela khona kuzomenza ekwazi ukukhuluma nabantu, kumakhele nokuzethemba,” kuqhuba uGambushe. Ngale kokumodela nesikole, uLuthando uphinde abe ingxenye yabahlanza ezindaweni zomphakathi, kanti ubuye asize nasesontweni abakhonza kulop i-Uniting Reformed Church in South Africa esesigcemeni sakwa-B khona eMlazi. Abafisa ukuvotela, nokweseka uLuthando kulolu hamba bangamlandela kwi-facebook ekhasini lakhe elithi I’m Luthando. Yonke imininingwane ngalo mncintiswano itholakala khona. Ukuvota kugcina ngomhlaka 31 Meyi.