
NAMUHLA ngesikhathi kwezinye izingxenye zezifundazwe kubangazwa uSuku lweNkululeko, kodwa eThekwini namaphethelo nakuso sonke lesi sifundazwe kuwusuku lokuzila ngenxa yesehlakalo esenzeke emasontweni amabili edlule sezimvula ezinamandla ezihamba nenqwaba yemiphefumulo abanye abantu abangakatholakali.
Ngesikhathi ekhuluma enkonzweni yomgcwabo wamalungu amahlanu omndeni wakwaJileka ebisePeacevale Mission, ngaseHammarsdale entshonalanga yeTheku, uNdunanakulu, uMnuz Sihle Zikalala, uthe kulesifundazwe uHulumeni uthathe isinqumo sokumisa yonke imicimbi ebihlelwe ukubungaza uSuku lweNkululeko, Ephreli 27, 2022 ngoba basalila ngenxa yemiphefumulo ephumile.”Ayikho into ongayigubha uma iningi labantu lilila kulesi sifundazwe,”kusho uMnuz Zikalala. Cishe ezindaweni eziningi eThekwini namaphethelo namuhla kuzobe kuqhutshekwa nezinhlelo zokungcwaba abashonile, ngakulonye uhlangothi kusaqhutshekwa nokuthungathwa kwabanye okusolwa ukuthi babishe ngesikhathi izindlu zidilika.
Ngesikhathi sokuloba loludaba uMnuz Zikalala ngesikhathi ekhuluma esigcawini sabacosheli uthe babalelwa ku-59 abantu abangakatholakali selokhu kuvele lenhlekelele. UNksz Nosipho Nzimande kwanyamalala izingane zakhe ezimbili, uNdima Nzimande (16) noMohau Mpitsa (1), KuForeman, eThekwini, kusaqhutshekwa nokuthungathwa kukaMsizi Jobe. EDassenhoek umndeni wakwaHlophe amalungu angu-7 okuthiwa ambozeka ngesikhathi kudilika izindlu ayelele kuzo silobe engakatholakali. Labo ngo Hlelolwenkosi Hlophe, Qobo Hlophe, Sisanda Hlophe, Melokuhle Mthembu, Luleka Zwane, Nasisiphi Hlophe kanye noNkk Ngenzeni Mhlongo (67). Emzinyathi kwaMdlalose okubikwa ukuthi amalungu angiu-10 akhona alimala ngesikhathi kuhlasele izimvula ezinamandla. Ngesikhathi sokuloba bekubikwa ukuthi kusatholakale amalungu amabili kuphela, okungu-Ayanda (9) noLulama Mdlalose (6). Ezinye izingane ezine kuthiwa zatholakala kusanda kwenzeka umonakalo emasontweni amabili edule. Abanye abangakatholakali uNksz Thobeka Mdlalose (24), uKholeka Mdlalose (18), uLusanda Mdlalose (15) kanye noManelisi Mdlalose. KwaNgcolosi, entshomnalanga yeTheku nakhona silobe umndeni wakwaGumbi usathungatha izingane zawo ezintathu okuthiwa zaduka ngo-Ephreli 11 phakathi kwamabili.




