
UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, UMnuz Sihle Zikalala, udalule ukuthi uhulumeni wesifundazwe uthathe isinqumo sokumisa yonke imigubho ebihlelelwe usuku lwanamuhla, yokubungaza uSuku lweNkululeko.
UMnuz Zikalala lokhu ukuveze enkulumeni yakhe yokududuza umndeni wakwaJileka, obunenkonzo yomngcwabo wamalungu awo amahlanu ngeSonto ashone ngenxa yemvula ebinamandla ebibanjelwe ePeacevale Mission ngaseHammarsdale entshonalanga yeTheku. Obekubanjwe inkonzo yomngcwabo wabo ebihambisana nomunyu bekunguNksz Bonakele Jileka (37), uYenzokuhle Jileka (9), uElimiyo Jileka (2), uZekhethelo JIleka 10) kanye noAphile Jileka (13) baseGeorgedale abashona ngesikhathi kuwa uphahla lwendlu ababelele kuyo. UMnuz Zikalala uthe ngabe sigubha ukuthi izwe lakhululeka ngo-Ephreli 27, (1994), kodwa bewuhulumeni waKwaZulu-Natal bathathe isinqumo sokuthi ngeke besaba dale migubho, wathi ayikho into ongayigubha uma ininga labantu lilila kulesi sifundazwe.
Usho lokhu nje uMnuz Zikalala ngeledlule kuhlehlisiwe ukugcotshwa kwenkosi uMisuzulu KaZwelithini obekulindelwe ngabomvu ngenxa yezikhukhula ezidlule nemiphefumulo yabantu abangaphezu kuka-400 KwaZulu-Natal. Lo mcimbi okulindeleke ukuthi udonse izinkulungwane zezicukuthwane, okubalwa neziphuma phesheya kwezilwandle, ubuzona ngoMeyi 28, esigodlweni saseNyokeni, KwaNongoma. Ethula isimemezelo, uMntwana uMangosuthu Buthelezi, uNdunankulu kaZulu uthe njengoba isizwe sikhala ngokulahlekelwa kwemiphefumulo yabantu, imizi nempahla ngenxa yezikhukhula ezihlasele KwaZulu-Natal nase-Eastern Cape, kumele kugxilwe ekwelapheni, ekwakheni kabusha nokubuyisela okulahlekile. UButhelezi uthe ngemuva kwengxoxo noMengameli Cyril Ramaphosa kuvunyelwane ngokuthi kumele kubekwe usuku olusha. “Kulesi sikhathi sobuhlungu nosizi olumangazayo, iSilo Samabandla uMisuzulu kaZwelithini sicele ukuthi kuhlehliswe ukubungazwa kokugcotshwa kwakhe.
“Ngesicelo sakhe ngidlulisele kuMhlonishwa uMengameli uRamaphosa ngoLwesithathu (olwedlule) ntambama. Ngalobo busuku, engakayiboni ngisho nencwadi yami, uMongameli wafona ezwakalisa imizwa efanayo. “Namuhla umengameli uyiphendule ngokusemthethweni incwadi yami, eqinisekisa isivumelwano sakhe nesinqumo soNgangezwe Lakhe futhi eveza nokuthi usuku olusha kufanele kuxoxwe ngalo, ngale kukaMeyi 2022. Ngemuva kokuxoxisana neSilo, iNdlunkulu kanye nomengameli, usuku lokugcotshwa luzomenyezelwa ngendlela,” kusho uButhelezi. Egameni leSilo uButhelezi udlulise amazwi enduduzo emindenini elahlekelwe yizihlobo zayo ngesikhathi sezikhukhula. UButhelezi uphinde wamemezela ukuthi umndeni wasebukhosini nawo ukhala ngokulahlekelwa amalunga omndeni ashone ngesikhathi sezikhukhula “Sizwakalisa ukuzwelana kakhulu nawo wonke umndeni olahlekelwe. Umndeni wasebukhosini ukhala ngokulahlekelwa yiNkosazana uBonakele Jileka nezingane zakhe uYenzokuhle no-Elimiyo, kanye nezingane zikaSindisiwe Jileka, u-Akhile noZekhethelo.iNkosazana uLindiwe kaJohnson ka Tshelendoda ka Dinuzulu ulahlekelwe yiwo wonke amalungu omndeni wakhe amahlanu ngesikhathi kudilika indlu yawo. Le nhlekelele engachazeki ingenye yeziningi esiguqe ngayo. Sengathi uNkulunkulu uSomandla angaphilisa izinhliziyo zethu ezidabukile,” kusho yena.





