Unqunywe unyawo umshini wokusika utshani esebenza

0
153

KUBIZWE indiza enophephela emhlane yabezimo eziphuthumayo bakwa-Netcare 911 ngemuva kokuba owesilisa kubikwe ukuthi usikwe unyawo umshini wokusika utshani abewusebenzisa eBotha’s Hill, entshonalanga yeTheku.

Ngokusho kwesitatimende esithunyelwe leli phephandaba, owesilisa osekhulile osebenza ebhizinisini eliseBotha’s Hill ushayeke unyawo lwangakwesokudla, wanqumeka unyawo ngesikhathi esika utshani ngomshini wokugunda utshani ebhizinisini eliseBotha’s Hill ngoMsombuluko owedlule.

Ngokusho kwabeNetcare 911 lo mlisa osebenza kulesi sikhungo uhloliwe welashelwa ukulimala kanzima.  “Abezimo eziphuthumayo bakwaNetcare 911 bathole ukuthi isisulu sinqanyulwe ingxenye yonyawo lwakhe,” kusho okhulumela iNetcare 911, uShawn Herbst.