Umqansa kumqeqeshi weBafana Bafana

0
68
wamukelwe ngesasasa umqeqeshi omusha weBafana Bafana, uHugo Bross ngesikhathi efika esikhumulweni sezindiza ngeledlule

UMQEQESHI weBafana Bafana kubukeka ezobhekana nomqansa ongagitshelwa mbongolo ngokukholelwa kwakhe ekuwineni nasekudlaleni ibhola elizojabulisa abalandeli bakanobhutshuzwayo.

UHugo Broos, waseBelgium oqokelwe kulesi sikhundla emasontweni amabili edlule utheleke kuleli ngoLwesibili, wabanomhlangano nezintatheli lapho echaze khona ngakholelwa kukho ebholeni lezinyawo. Ngaphandle kwalokho uthe, iphupho lakhe lizokwazi ukufezeka uma ezothola umuntu wakuleli ozomsiza ekuhlonzeni abadlali abazokwazi ukwenza lokhu akholelwa kukho okuwukuwina kanye nokudlalela ukujabulisa abalandeli bezemidlalo. Sekufana nomlando ukuthi iBafana Bafana izakhele igama nesithunzi sakuleli lizwe ngezibabuli zabadlali abawina, i-Africa Cup of Nations, futhi abaphenduka inyama kumaqembu amakhulu asemazweni omhlaba.

Lokhu kwashabalala kancane kancane. Inhlansi yangelezo zikhathi ibonakale ngesikhathi iqeqeshwa nguStuart Baxter wayifaka emidlalweni yokuhlungela amafayineli alomqhudelwano eGibhithe. Nobengumqeqeshi uMolefi Ntseki naye owanqokwa izingqapheli zemidlalo zikhononda ngaye ngenxa yokungabi namlando otheni kwezokuqeqesha wehlulekile ukuyifaka emidlalweni ye-AFCON ezokuba ngonyaka ozayo lokhu kwaholela ukuxoshweni. Lokhu kwenzeke ngemuva kokuba ishaywe yiSudan ngo-2-0 emdlalweni owawuthathwa ngowafa wafa. Lokho bekulandela ukwehluleka ukuzicabela indlela ebheke phambili nalomqhudelwano ngesikhathi yehlulwa ukushayela ekhaya iGhana ngoMashi 25.

Lomqeqeshi oneminyaka engu-69 ubudala kubukeka sengathi bekungasiyena obhegaqelwe kakhulu ukuhlala kulesi sigqiki esishisayo senhlangano eyengamele ibhola yakuleli, iSouth African Football Association (SAFA). Kunemibiko ethi isigungu seSAFA besigaqele oyedwa phakathi kukaPitso Mosimane noCarlos Queiroz bobabili abangasamukelanga isicelo. Noma kunjalo uBroos ungomunye wabaqeqeshi ababenegama ngemuva kokuwina i-Afcon neCameroon eminyakeni emine edlule. Uyazi ukuthi yikuphi akulindele nokuthi yiwaphi amasu azowasebenzisa ukuze azifake ezinhliziyweni zabantu baseNingizimu Afrika.

Baningi abanokumngabaza ukuthi angawenza wenzeke umsebenzi ikakhulukazi izingqapheli kwezemidlalo.”Ngithanda ibhola elijabulisayo enkundleni, leyo yinkolelo yami yokuqala,”kusho uBroos ngesikhathi enengxoxo nabemithombo yezindaba. “Sizobe sidlala ngaphandle kokubukwa yizethameli ezingaphezulu kuka-60 000. Akusona isitayela sami leso. Angikholelwa ekugxileni kakhulu kulolu hlobo lokuhlasela kakhulu uma usenkundleni, noma kwesinye isikhathi kubalulekile ukuthi ukusebenzise lokho”.

“Lokho ngeke kube yinto engizoyifaka kakhulu emqondweni. Okubalulekile ukusebenza njengeqembu, kungabi nje ngabantu abangabodwana. Lokho kungisebenzele kuCameroon. Besingenalo iqembu elingcono kodwa sayiwina indebe ye-Afcon,”kusho uBroos. Lomqeqeshi ubonakala engenayo ingcindezi kakhulu mayelana namalungiselelo njengoba iConfederation African Football (CAF) ithathe isinqumo sokuyihlehlisa imidlalo yokuzibekisela indawo kuWorld Cup obekulindeleke ukuthi ibe ngenyanga ezayo, uJuni , kuze kube nguSepthemba. Kulemidlalo iBafana Bafana ifakwe kuGroup G lapho iboshelwe khona neZimbabwe, i-Ethiopia kanye neGhana. IGhana neBafana bake bahlangana muva nje emidlalweni yokuhlungela i-Afcon. UBroos uthe unawo amasu azowasebenzisa uma bebhekena namaBlack Stars ngoSepthemba.