
KUBE nokushuba kwamazwi ngemuva kokuba abalandeli okuthi be-ANC abeyokweseka obengumengameli wezwe eNkantolo eNkulu eMgungundlovu behhewula abaholi be-ANC ezingeni lesifundazwe abebe yingxenye yokweseka uMnuz Jacob Zuma obevela kule nkantolo ngoMsombuluko.
Kulokhu kuvela kuthathe elinye igxathu ngesikhathi kubonakala izigayigayi ze-ANC ebeziqhamuka kulesi sifundazwe nakwezinye izifundazwe ukuzokweseka uMnuz Zuma obeyovela eNkantolo ecaleni elithinta inkohlakalo. USihlalo we-ANC uMnuz Sihle Zikalala ngokunjalo noMnuz Mdumiseni Ntuli unobhala (bobabili abasezingeni lesifundazwe) bathole okukhulu ukuhhewulwa ngabachazwe ngokuthi bangabalandeli bakaMsholozi, bebabiza ngamagama ayiziswana kangangokuthi kuze kwakhuza uMnuz Zuma ngalesi senzo asihlabile.
NoMnuz Ace Magashule naye ubekhona kangangokuthi abalandeli bebethi kungcono kukhulume yena esikhundleni sikaNobhala wesifundazwe kanye noSihlalo. Okwenzekile akuyiphathanga neze kahle i-ANC kulesi sifundazwe kokugxekwa kwabaholim bayo ngaphandle kwasenkantolo kangangokuthi ithe izokwenza uphenyo lwayo ukuthola ukuthi angobani lamaqabane futhi aphuma kusiphi isifundazwe aphoxe uMnuz Ntuli noMnuz Zikalala. Ngesikhathi benikezwe ithuba lokuba bakhulume njengabaholi abebezokweseka uZuma bekukhona abebebaphazamisa ngokucula amaculo bebahhewula abanye beshwiba izandla okuwuphawu lokuthi bafuna bashintshwe kukhulume abanye. Lokhu bekwenzeka ngemuva kokuba iNkantolo icala isilihlehlisele uLwesithathu oluzayo lukaMeyi 26. “Umbiko wokuqala enginawo, amaqabane angu-10 uma kungenjalo angu-15 abebambe iqhaza kulokhu kubanga umsindo akuwona awaseKZN. Ngiyabeneka kumanje. Kuphakathi kokuthi badabuka eMpumalanga noma baseFree State, ngizobe sengidlulisela lokho emphakathini kusasa (esho uLwesibili), ”kusho uNtuli etshela abemithombo yezindaba.
Ngokusho kukaNtuli, bamangazwe ukuhhewulwa kwabo kanye nemibuzo yabezindaba ngobukhona babo nokweseka uZuma ecaleni lakhe. Unikeze umlando omfishane wokuthi ngonyaka ka-2018 ikomidi eliphezulu le-ANC KZN (PEC) laxhumana kanjani nesigungu esiphezulu se-ANC kanye nekomidi eliphezulu likazwelonke (NEC) ngesicelo sokuthi amalungu eqembu nabaholi baseKZN kumele bavunyelwe ukuthi bameseke ngokukhululeka uZuma. “Lesi sicelo, uthe samukelwa ngokususelwa empikiswaneni yabo yokuthi icala elibhekene noZuma liyasolisa njengoba lithatha isikhathi eside, I-NEC nezikhulu bavumelene nobuholi besifundazwe ukuthi uZuma kumele esekwe uma evela enkantolo, okuyinto abebeyenza njalo”, kusho uNtuli.
Ubuye wachaza ukuthi yilesi sizathu esenza uZuma ame ukuziphendulela wabiza nalabo ababathukayo. “Yingakho uJZ asukume wathi cha awukwazi, awukwazi ukuhhewula ubuholi bethu uma ulapha. Ngeke usho ukuthi uzele ukuzongeseka kanti uzongitshela ukuthi ngubani okumele eze nokungafanele eze, awukwazi, ”kusho uNtuli. “Uyazi kungani esho lokho? Ukwazisa ngokugcwele ukusekelwa kwethu. Ukuthi ukwesekwa kwethu akukhona ukuthenga ubuso bakhe, ukwesekwa kwethu akuyona into elwa nomengameli, ukwesekwa okulawulwa yimigomo esuselwe esinqumweni se-PEC. ” Ngokusho kukaNtuli, lokhu kubhoka kuqinise inkolelo yabo yokuthi kunemizamo yokuphazamisa uzinzo esifundazweni ngabantu abafuna ukwenza sengathi iKZN ihlukene phakathi.






