Phuthuma ubhalisele unyaka ozayo eZiphathe

1
73
Omunye wabafundi osedlulele kwesinye isigaba ekolishi eZiphathe

UMA ungalitholanga ithuba lokuba yingxenye yekilasi elenza izifundo eziphathelene nomkhakha wezempilo ekolishi iZiphathe osekungunyaka wesibili lona lizinikele ekubambeni iqhaza kulomkhakha.

Ikilasi lalonyaka liqale ngenyanga edlule, kanti manje sekubhaliswa abafisa ukuqala ikilasi langonyaka ozayo ngaphandle uma kukhona izinguquko. Ngaleyondlela leli yithuba lakho lokuba ubhalise ukuze ungasali ngaphandle. IZiphathe Training College (ZTC) enesiqubulo esithi “Hloma ngeMfundo ehambisana namaKhono” isebhilidini iTotal Square esitezi sokuqala nokuyibhilidi lesiteshi iMbokodo FM, ku-16 Dale Avenue ePinetown. Phakathi kwezifundo ezitholakala kulesi sikhungo yiHealth Promotion (Occupational Certificate) kanye neCommunity Health Care Work (NQ Level 3). Lezi zifundo zithatha unyaka owodwa. Lesi sikhungo sodumo ePinetown sebeqalile abanye abaqeqeshwa kuso ukutshalwa ezindaweni ezahlukene lapho benza khona uqeqesho oluthe thuthu.

Nabangaliphasanga ibanga leshumi abafisa ukwenza okuthile kodwa obazi ukuthi yikuphi abangakwenza leli yithuba labo lokuthi benze lezi zifundo kulesi sikhungo esinothisha abawuqeqeshelwe umsebenzi wabo futhi esibhaliswe ngokusemthethweni kuhulumeni. Uma ufuna ukuthola kabanzi ungashayela kulezi zinombolo ezithi: 031-0230821/ 0835032794 noma uxhumane nabo nge-email: ziphathecollege@gmail.com

1 COMMENT

Comments are closed.