Amalungu eSadtu amashele emahhovisi oMnyango wezeMfundo

0
103
Othisha bamashele emahhovisi omnyango kwisekethe yaseMlazi ngenhloso yokwedlulisa izikhalo zabo ngokwenzeka ezikoleni

AMALUNGU enyunyana yothisha, iSouth African Democratic Teachers Union (Sadtu), eMlazi, abeke phansi oshoki amashela emahhovisi emahhovisi oMnyango wezeMfundo esekethini yaseMlazi.

Labo thisha bakhala ngokungasukunyelwa phezulu kwezikhalo zabo mayelana nesimo ezikoleni, bathi uMnyango wezeMfundo wesifundazwe awukutshengisi ukuthi uzikhathalele izimpilo zabo ngoba lokhu abakhala ngakho kubalulekile ekubavikeleni kwiCoronavirus. Bakhala ngokushoda kothisha ezikoleni, ukungaholi kothisha, ukushoda kwamaPPE kanye nokugcwala ezikoleni. Bathe lokhu kwenza kube nzima ukuthi abafundi bagcine umgomo wokuqhelelana khona bezophepha kulo mkhuhlane. Bathe umnyango ucindezela amalungelo wabo. UNks Nomarashiya Caluza onguNobhala weSadtu kulesi sifundazwe, uthe okwenziwe othisha kuhambelana nezikhalo iSadtu ebivele inazo kusukela ngosuku lokuqala kuhlelwa ukuvulwa kwezikole. Uthe bayabeseka othisha ngoba izikhalo zabo ziyazwakala, futhi iSadtu ifuna ukuthi zisukunyelwe phezulu.

“Umnyango kumele uzixazulule lezi zinkinga, kunganjalo kuzophazamiseka ukufundisa nokufunda. Njengoba sisabhekene neCovid-19 nje, akukwazi ukuthi kungaba nesikole esinenkinga yokushodelwa izinsiza ezibalulekile zokuvikela kulolu bhubhane ngenxa yokuthi umnyango wehlulekile ukufeza izethembiso,” kusho uCaluza. Kolunye udaba oluhlobene nalolu iSadtu isithembise ukuthi izovulela umnyango icala mayelana nokuncishiswa kwebanga lokuqhelelana lisuswe ku-1 meter liye ku-0.5 meter. Umnyango uthathe isinqumo sokwenza lokhu ngemuva kokucaca kokuthi ngeke kuphumelele ukubuyela kwabo bonke abafundi ezikoleni kuphinde kugcinwe imigomo yeLockdown.

Kwisitatimende esithunyelwe kwabezindaba, iSadtu ngokubambisana nezinye izinyunyana zothisha kuzo okubalwa iNaptosa, NATU, PEU kanye neSAOU, ithe izinyunyana zidumele ngokuthi umnyango uthathe lesi sinqumo ngaphandle kokubonisana nazo. Ithe abukho ubufakazi obuhambisana nesayensi obufakazela isinqumo somnyango. “Izinyunyana zithanda ukukucacisa ukuthi ziyavumelana nokubuyela kwisimo esejwayelekile ukuze isikhathi sokufunda zsizogcinwa kodwa akumele kwenziwe ngendlela aphikisana nemigomo yokuvikela eyabekwa uMnyango wezeMpilo ngoMashi ngo-2020. Izinyunyana sezicele umhlangano nomnyango ukuze kuzobhungwa ngalokhu,” kusho isitatimende.