UNGQONGQOSHE wezokuThuthukiswa koMphakathi kulesi sifundazwe, uNkk Nonhlanhla Khoza, kulindeleke ukuthi abeyingxenye yokuqwashisa embungazweni weNyanga yembokodo ohlelwe yiBring Back Life Foundation (BBLF) ozokuba seKing Zwelithini Stadium, eMlazi, ngeSonto, Agasti 28 kulonyaka ozoqala ngo-7 ekuseni.
Lokhu kuqinisekiswe kuleli phephandaba nguMnuz Sanele Shangane uSihlalo we-BBLF okuyinhlangano ezigqaja ngokubuyisa isithunzi sobuntu kanye nokwelekelela ezinhlelweni zokusiza abantulayo nezobe ihlanganisa iminyaka engu-6 yasungulwa. Ubekuqinisekisa kulandela ukuthola kwaleli phephandaba ukuthi uNkk Khoza ungomunye wezimenywa eziqavile ezizobe zikhona ngalolusuku okuzobe kunemidlalo enhlobonhlobo futhi okuzobe kuhambisana nezinhlelo ezahlukene zokuqwashisa ngokuhlukunyezwa kwabesifazane kanye nezingane.
UMnyango kaNkk Khoza ungeminye yeminyango ehamba phambili ekuxhaseni izinhlelo zeBring Back Life Foundation ngenxa yeqhaza layo lenhlangano engenzi nzuzo elibambile emphakathini futhi elibonakalayo. “Sizizwa sithobekile ukuthi embungazweni wethu weminyaka engu-6 iBring Back Life Foundation yasungulwa kulonyaka sizobe sihanjelwe nguMama uNonhlanhla Khoza,”kusho uMnuz Shangase.
Ngokwezinhlelo zabo uMnuz Shangase uthe, “Sinazo izinhlelo ezikhona njengoba kulonyaka sigubha iminyaka eyisithupha iBring Back Life Foundation yasungulwa. Sinezinhlelo lapho siye sivale khona inyanga yembokodo ngaphansi kwesiqubulo esithi: “Let Us Celebrate Imbokodo kanye nabantwana”. Abantwana bahlale bekhona njalo ezinhlelweni zethu yilapho esiye sithi akubekhona umntwana kube khona nomuntu omdala”.
“Phezu kokuba siqinisekisa ukuthi sibungaza iMbokodo kodwa siyaqikelela ukuthi abantwana bahlale beba yingxenye yezinhlelo zethu. Ngoba yibona abayikusasa lalelizwe. Sihlele imidlalo ezoba seKing Zwelithini Stadium, eMlazi ezohanjelwa uNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMphakathi kulesi sifundazwe, umama uNkk Nonhlanhla Khoza,”kusho uMnuz Shangase.
Ephawula ngezehlakalo ezisanda kwenzeka njengoba kubungazwa lenyanga, uthe “Sibuhlungu kakhulu siyiBBLF sivuka usuku nosuku kutholakala ukuthi kunomuntu wesifazane noma ingane ebulewe. Njengoba nesiqubulo sethu, siyiBring Back Life Foundation sizama ukubuyisa ubuntu, lapho esisho khona ukuthi sicela umazise umuntu wakini, mazide umuntu wesifazane azamazise umntwana. Ngaleyondlela lomcimbi esiwuhlelayo ungeminye lapho esigcizelela khona ukuthi masiyazise imbokodo ngoba ingumgogodla wale lizwe, laba ngabantu okufanele sibavikele ngaso sonke isikhathi.
Sizobe siqwashisa kakhulu ngokuhlukunyezwa kwabantu besifazane nokubulawa kwabantwana. Lomcimbi ungeminye esizobe siwusebenzisa sikuqhakambisa kakhulu lokhu. Sithi bantu besilisa alwehle lolu laka olungaka. Bantu besilisa asizihlanguleni kulokhu okwenzekayo,”kusho uMnuz Shangase.
Mayelana nabaxhasi uthe, bayabantula kakhulu abaxhasi, wathi, “Uma ngabe sibona umehluko esiwenzayo emphakathini kodwa sidonsa kanzima futhi siyanxenxa kakhulukazi kosomabhizinisi ngoba yibona laba abaphinde nathi sibalekelele emphakathini kanye nezinkampani ezizimele siyafisa ukuthi noma ngabe ikhona iminyango kahulumeni eselekelelayo esibonga kakhulu kuyona njengawo lo ophethwe umama uNkk Nonhlanhla Khoza, uMkhandlu weTheku kanye nomunye uMnyango wezemiDlalo, ubuCiko kanye nokuNgcebeleka oholwa umama uHlengiwe Mavimbela kepha kusakuningi esisashoda ngakho. Siyacela abaxhasi basondele kithina ukuze sikwazi ukufezekisa izinhloso zethu.
Umcimbi kulindeleke ukuthi ube ngomhlaka Agasti 28, eKing Zwelithini Stadium, lapho kuzoqalwa ngama-aerobics ngo-7 ekuseni. Singajabula ukuthi ofisayo ukwelula isandla kwesikwenzayo ukuba asibhalele ku-bringbacklife2017@gmail.com noma angithinte mina Sanele Shangase ku-0732988739 zikhathi zonke.






