OwezeMpilo ugqugquzela ukugomela iCovid-19

0
32
UNkk Nomagugu Simelane-Zulu (ophakathi) onguNgqongqoshe woMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal uchaze ngohlelo lokugomela iCoronavirus

USEZE wawuthatha umgomo weCoronavirus uNgqongqoshe wezeMpilo KwaZulu-Natal uNkk Nomagugu Simelane-Zulu, oveze ukuthi ukuthatha kwakhe lo mgomo kuyindlela yokutshengisa izakhamuzi ukuthi akukho okubi ngawo njengoba bekusho kwabaningi abangahambisani nawo.

Kuzokhumbuleka ukuthi yena kanye neNhloko yoMnyango uDkt Sandile Tshabalala, baba sematheni ngemuva kokuvela kokuthi benqabile ukuthatha umgomo kwisigaba sokuqala sabasebenzi ababhekana naleli gciwane nsuku zonke. Ungqongqoshe uthe isizathu esabenza ukuthi bengawuthathi umgomo asihlobene nobungozi ongase ube nabo. “Sanquma ukuthi sidedele abasebenzi bezempilo okuyibona ababhekana neziguli ezinaleli gciwane. Yingakho singawuthathanga umgomo. Akusithi sodwa, ziningi izikhulu zomnyango ezazingawuthathanga. Sibe sesiqoka ukuwuthatha manje ngoba sesiphakathi nohlelo, sekugome ngaphezu kohhafu wabasebenzi,” kusho uSimelane-Zulu.

Nakuba isigaba sokuqala sokugoma singakapheli, kodwa umnyango usuqalile ukulungiselela isigaba sesibili. Ungqongqoshe uthe naso isigaba sokuqala sihlukene kathathu, kuqale ababhekana neziguli nsuku zonke, kwalandela abasebenza ezibhedlela, sekuzolandela abantu abafika ezibhedlela ngezikhathi ezikhethekile. “Kwisigaba sesibili kuzoba abaneminyaka engaphezu kwengu-60, abaphila nezifo, nabasebenzi ababalulekile kubo okufakwa amaphoyisa, abefundisi, amakhosi, abasebenza ezitolo nabanye. Kwisigaba sesithathu kuyoba inoma imuphi othanda ukugoma, kodwa kumele ebe nemnyaka engu-18 kuya phezulu,” kusho uSimelane-Zulu.

Ngemuva kwesiminyaminya esenzeke eDr Pixley ka Isaka Seme Memorial Hospital, ungqongqoshe uthe umnyango ususungule uhlelo olusha lokwenza inhlolokhono. Kuzosetshenziswa amahholo omphakathi nezikhungo zezempilo ezisondelene naKwaMashu, abantu abaqokiwe bazokwaziswa ngomqhafazo ukuthi bazoya kuphi. “Siyacela kubantu bakithi ukuthi bengezi uma bengabizwanga ngoba ileyonto esidalela izinkinga. Sithole izicelo ezingaphezu kuka-6 000 kodwa sidinga abahlengikazi abangu-130 kuphela. Siyazi ukuthi baningi abantu abafuna imisebenzi, kodwa asikakabi nazo izikhala okwamanje,” kusho uSimelane-Zulu.

Uthe nakuba kunezikhala ezingaphezu kuka-1 500 kodwa ngeke zithathwe abahlengikazi ngoba kudingeka nabanye abasebenzi bezempilo kubo okubalwa odokotela, abasizi basesibhedlela, abazohlanza, abazopheka, onogada nabanye. Uthe umnyango uyozazisa izakhamuzi uma kuphinde kuvuleka ezinye izikhala.