Bajabulele oncamnce

0
35

ABAFUNDI baseSilimane Primary eKwaMashu, bathole ithuba lokufunda ngezokuphepha kanye nomthelela wokuhlukumezana kwabafundi ezikoleni ngenkathi bevakashelwe iWomen Network yamaPhoyisa akwaSAPS kwisifunda saseThekwini kanye neMan of Change njengendlela yokugubha iPhasika.

Baphinde bazihlomulela nangezifonyo ezingu-1 000, oncamnce, kanye nokudla kwesidlo sasemini. Abafundi ababili baphinde bahlomula ngobhaskidi abanezipho ezehlukene ngemuva kokuphuma phambili emncintiswaneni wokudweba. Amaphoyisa ebeholwa uMajor General Mgobhozi onguMkhuzi wamaPhoyisa kwisifunda saseThekwini. UKapteni

Pillay onguMpetha weWomen Network kwisifunda saseThekwini, uthe ukunikelela abantu abahlwempu kuyefana nokunikela kuNkulunkulu. “Abantwana bebejabule kakhulu ngesibenzele khona. Engathi sonke singakukhumbula ukuthi uNkulunkulu

uyakubona konke okuhle esikwenzayo,” kusho uKapteni Pillay.