Injabulo bemukela igilosa

0
36
Esithombeni uMnuz Siyabonga Mbatha onguMsunguli weSiyabonga Qhamukile Foundation, uMnuz Bonela Ngcobo onguMsunguli weHlahlindlela Disability Centre kanye noMnuz Harold Mokabi oyiMenenja yaKwaMashu Superspar

ZESULWE izinyembezi ngamaphasela okudla kanye nezingubo zokugqoka izakhamuzi zaKwaMashu eziphila nokukhubazeka ezihlomula kwizinhlelo zesikhungo esinakekela abaphila nokukhubazeka iHlahlindlela Disability Centre.

Lokhu kwenziwe iSiyabonga Qhamukile Foundation ngokubambisana ne-AmaZulu FC kanye neKwaMashu Superspar. Ngaphandle kokusiza ngezeluleko, kulesi sikhungo kuphinde kuqeqeshwe abaphila nokukhubazeka amakhono okuziphilisa.

UNks Jabulile Ngcobo ongomunye wabasunguli beHlahlindlela Disability Centre, uthe bajabule kakhulu ngomnikelo abawutholile. Uveze ukuthi kulesi sikhungo kufundiswa imisebenzi yezandla efana nokwenza ubuhlalu, ukuluka amacansi, ukuthunga nokunye. “Siphinde sibe nohlelo lokwelulekana ngoba iningi labafika kithi beza benezinkinga ezihlukahlukene. Sizama ngazindlela zonke ukuqeda ubunzima obubhekene nabantu abaphila nokukhubazeka,” kusho uNgcobo.

UMnuz Bonela Ngcobo ongomunye wabasunguli, uthe bayawujabulela umnikelo. Uveze ukuthi uvame ukucela usizo kosomabhizinisi abehlukene ukuze bezokwazi ukuqhubeka nemsebenzi abayenza eHlahlindlela Disability Centre.
“Uma sihlangene la, senza izinto ezithile kumele sithole okuya ngasethunjini. Basisiza kakhulu ngeminikelo, kwakuyoba nzima kakhulu ngesikhathi somvalelandlini. Siyabonga kwabasenzele khona,” kusho uBonela.

UMnuz Siyabonga Mbatha onguMsunguli wale nhlangano, uthe lokhu bakwenze njengendlela yokubungaza inyanga yamalungelo abantu. Uveze ukuthi le nhlangano wayiqamba ngegama likagogo wakhe ngoba wayengumuntu owayenakekela abantu emphakathini. “Ngangingafuni kushabalale umsebenzi wakhe ngoba engasekho emhlabeni. Sixhumane nabaKwaMashu Superspar abasazise ngenhlangano yabakhubazekile abavame ukusebenzisana nayo. Sibe sesihlanganisa amakhanda, sabajabulisa,” kusho uMbatha.

Abahlomula kulesi sikhungo baphinde bakhala nangemali abayikweletayo. UMnuz Harold Mokabi oyiMenenja yaKwaMashu Superspar, uveze ukuthi baqala ukubasiza ngemuva kokuthola ukuthi babekweleta irenti yezinyanga ezingu-8. “Sakhetha ukubasiza njengebhizinisi elisebenzela emphakathini. Sabakhokhela irenti, sakhokhela amanzi kanye nogesi. Sisazoqhubeka sisebenzisane nabo, kuningi esihlele ukubasiza ngakho,” kusho uMokabi.