
BAYELASHWA abesifazane ababili abasinde ngesikhathi imoto abebehamba ngayo ithola ingozi kwibriji eliku N2 ngase Avoca, eThekwini ngeviki eledlule ngoMsombuluko.
Ngesikhathi kufika abezimo eziphuthumayo endaweni yengozi bafike imoto yohlobo lweSUV inabagibeli ababili kanye nomshayeli bevaleleke ngaphakathi emotweni. Kubikwa ukuthi umshayeli wale moto oshonele endaweni yesigameko uhlulekile ukuyilawula yaphaphalaza, yaze yayoshayisa ubonda yama.
Abezimo eziphuthumayo bahlonze umshayeli wale moto njengomuntu oseshonile ngesikhathi befika endaweni yengozi. Ababili abasindile belashelwe endaweni yengozi ngaphambi kokuphuthunyiswa esibhedlela esiseduze.






