Lizigqaja ngoguquko emphakathini ikhansela

0
59

IKHANSELA eliqokwe ngokobuqembu ngaphansi kweDemocratic Alliance (DA) kuMasipala waseThekwini, lizishaya isifuba ngomehluko elifike nawo ekuletheni ithemba lentuthuko emphakathini osemawadini amathathu elitshalwe kuwo.

UKhansela Mzamo Billy oqokelwe kulesi sikhundla sokuba yikhansela ngo-2019 usebenza kuma-wadi u-12, 14 kanye no-wadi 16 ngaphandle kwasePinetown. Lezi zindaba zihlanganisa indawo yaKwaNdengezi, eDassenhoek, iNazareth, KwaSanti, e-Ashley kanye naseCaversham. Ngaphandle kokuba likhansela, ubuye abengusihlalo we-DA kwisifunda saseNtshonalanga yeTheku. Uqokelwe kulesi sikhundla sokuba nguSihlalo weqembu ngoMashi kulonyaka. Umsebebzi wakhe omkhulu ukuqinisekisa uzinzo ku-DA ukubona kunenqubekela phambili eqenjini.

Echaza ngezindaba asebenza kuzo, uthe: “Izindawo engisebenza kuzo iningi lazo liyisizinda se-ANC ngakho-ke kukhona amakhansela akhethiwe e-ANC. Noma kuyiqiniso lokhu, engikubonile ngukuthi abantu bakhathele yizethembiso ezingenamsebenzi, abantu bakuthakasela kakhulu ukulethwa kwezidingongqangi”. “Bafuna izindlu, imigwaqo efanele, amanzi nokuthuthwa kwendle kanye nogesi ukubala nje ezimbalwa. Ngoba sengibenempulelo ekuxazululeni ezinye eziningi zalezi zinkinga njengekhansela le-PR, sibona isifiso kubantu sokuzihlanganisa ne-DA sikhuphuka kakhulu futhi yingakho siqhubeka nokubona abantu abaningi bejoyina i-DA kulezi zindawo,”usho kanje. Eqhubeka nokuchaza uthe, “Izindaba zokulethwa kwezidingongqangi kule miphakathi ziyinselelo enkulu ngenxa yamakhansela akhethiwe angatholakali ukusiza umphakathi. Sibonile ukuthi udaba lwezimbotshana zemigwaqo, amalambu emigwaqo angasebenzi, ubugebengu, ukungasebenzi, izidakamizwa nenkohlakalo ngezinye zezinkinga ezinkulu kulezi zindawo”.

“Silokhu sigqugquzela izakhamizi ukuthi zibike izinto ezifana namalambu omgwaqo angasebenzi futhi kumele baqhubeke nokubika ama potholes nokuvuza kwendle yize lokhu kungaphendulwa futhi kungaxazululwa ngumasipala ngesikhathi. Njengekhansela le-PR ngiyakwazi ukudlulisa izikhalazo ezinjalo futhi ngixine umasipala phezulu ukuqinisekisa ukuthi izinkinga ezinjalo ziyalungiswa. Ekugcineni, lezi zindawo zidinga uhulumeni omusha onakekelayo ozobeka phambili izidingo zabantu ngaphezu kwezihlobo nabangane, lowo hulumeni angaba yi-DA kuphela,”kuqhuba uBilly. Ephawula ngobugebengu uthe, “Ubugebengu buyinkinga enkulu emphakathini wethu wonkana. Imvamisa sikubheka njengenkinga ehlukile kodwa uma ubheka ujule, uzobona ukuthi empeleni kuhlangene nezinye izinto eziningi zenhlalo ezifana nokushoda kwemisebenzi, imfundo, izidakamizwa”. ” Futhi umphakathi wethu uqhamuka esikhathini esidlule esinodlame kakhulu, sidinga ukuphulukisa futhi sikhuthaze ubumbano lomphakathi kanye nokuthula kuyo kanye le miphakathi esikuyo. Kumele senze wonke umuntu asebenze ngokuxhasa osomabhizinisi abancane njengama-spaza shop sikhuthaze namakhono emalokishini ethu ukuze bakwazi ukuqasha abanye abantu bese sibona intuthuko namabhizinisi amancane kulezi zindawo esimama,”uphethe kanje.