Kusize osondonzima i-ANC iwina iWadi

0
58
ULungisani Malulu Sikakane onqobe ukhetho lokuChibiyela ku-Ward 6
UNksz Nozipho Hlongwane i-AFR ebifolose ngaye kulolu khetho

UKUTHELEKA bephindelela osondinzima be-African National Congress (ANC), ku-Ward 6, elokishini eMpumalanga ngaseHammarsdale kube nelikhulu igalelo ekutheni leli qembu liyigcine lewadi.

Le wadi ibisifana nenyama njengoba bekungokokuqala ukubonakala kwabaholi be-ANC betheleka kuyo ukuzokhakhankasa njengoba bekunokhetho lokuchibiyela obelungoLwesithathu olwedlule. Lolu khetho lubanjwe kulandela ukushona kukaMnuz Lucky Mngwengwe ekuqaleni kwalo nyaka ngemuva kokugula isikhathi eside. Ukubonakala ukubaluleka kwale Wadi kube ngesikhathi kutheleka okokuqala iphini likaSihlalo we-ANC, uMnuz Mike Mabuyakhulu, namalungu eSishayamthetho, kwalandela uMengameli we-ANC, uMnuz Cyril Ramaphosa. Isipikili sokugcina kube wukuhlela umbuthano obubanjelwe enkundleni yezemidlalo iNdlulamithi. Nobuholi besikhashana besifunda iTheku babo bebungalali behlayo bulungiselela lolu khetho lokuchibiyela.

Umbango ubushisa kakhulu phakathi kukaLungisani Conrad “Malulu” Sikakane, i-ANC ebifolose ngaye kulolu khetho, kanye noNksz Nozipho Hlongwane i-African Freedom Revolution ebizwa ngaye amanzi ngobhoko kulolu khetho lokuchibiyela. Ngokwemiphumela ededelwe yiKhomishini eziMele yoKhetho, ngoLwesine uSikakane odle umhlanganiso kule wadi, uthole amavoti angaphansi kwalawo i-ANC eyayinqobe ngawo okhethweni lohulumeni baseKhaya olwalungo-Agasti, 2016. Ngo-2016 yayiwine ngamavoti angu-82.75 wamaphesenti, kulolu khetho iwine ngamavoti angu-63.98 wamaphesenti. Esewonke amawa-wadi obekunokhetho lokuchibiyela kuwo ezweni abengu-14. I-ANC ithole amawadi angu-12. Kulama-wadi kubalwa angu-10 ewagcinile kanye namabili abephethwe yi-DA ne-IFP. Womabili lamaqembu akwazile ukugcina amawadi amabili. Ngokwesibalo sabavoti esikhishwe yi-IEC kulolu khetho sikhomba ukuthi babalelwa ku-40.65% kuwo wonke amawadi ayishumi nane obekubanjwe kuwo ukhetho ngoLwesithathu olwedlule.

Amakhansela amasha e-ANC kube uLungisani Conrad Sikakane kuWadi 6 kuMasipala waseThekwini, uSibusiso Herry Zulu kuWadi 5 kuMasipala wakwaMaphumulo , uThokozani Christopher Mathibela kuWadi 7 kuMasipala wakwaMaphumulo,  uSindiswa Amanda Mpisi kuWard 04 kuMasipala Ubuhlebezwe,  uGetrude Duduzile Peter kuWadi 20 kuMasipala waseMzimkhulu, ukubala nje izindawo ezimbalwa okuvotwe kuzo. Okuphawulekile ukuthi i-ANC yehlelwe yizibalo zabavoti kuwo wonke amawadi uma kuqhathaniswa nokhetho luka-2016. Ikhansela elisha le-IFP kube u-Enoy Elphas Dlamini kuWadi 05 kuMasipala waKwadukuza nayo i-IFP yehlelwe yisibalo sabavoti uma kuqhathaniswa nezibalo zangaphambilini. Njengamanje amaqembu aseqala umkhankaso wokhetho lukazwelonke lohulumeni basekhaya okulindeleke ukuthi lube ngo-Okthoba 27, ngasekupheleni kwalonyaka.