Lithela izithelo ibhizinisi lezolimo

0
217
Esithombeni abaqondisi be-Uzinzo Sugar Farming uMnuz Khumbalani Mthethwa, uNkk Nonhlanhla Gumede-Shabalala kanye noMnuz Khetha Ncalane

BAYASIMAMA abalimi abathole uxhaso kwinkampani enkulukazi kuleli iTongaat Hulett. UZinzo Sugar Farming ibonakala isimama uma uqhathinisa nanyakenye, njengoba isivuno sakulo nyaka sibe sikhulu kakhulu.

Leli bhizinisi eselizohlanganisa iminyaka emibili lasungulwa lenze kahle kakhulu kwisivuno sakulo nyaka. Uzinzo lukhiqize amathani angu-150 994 kunyaka ka-2020/21 benza isivuno esikhulu uma uqhathanisa nanyakenye, njengoba bavuna amathani angu-148 651 kunyaka ka-2019/20. Uzinzo lwasebenzisa imali engango R3.5 million ukuthenga izinsiza zebhizinisi, okubalwa imishini, ogandaganda, izimoto nokunye okuningi okwakuzosetshenziswa ibhizinisi. Leli bhizinisi linabanikazi abathathu uNkk Nonhlanhla Gumede-Shabalala, Khumbulani Mthethwa kanye noKhetha Ncalane kanti banamasheya angu-65%, bese kuthi abasebenzi babenamasheya angu-15% ngaphansi kwe-Employee Trust abayisungula. Abaqondisi benkampani Uzinzo uGumede-Shabalala, Mthethwa kanye noNcalane bathi bayaziqhenya kakhulu ngabasebenzi, ngokuzikhandla ekutheni benze umsebenzi omuhle bathola isivuno esikhulu kulo nyaka. Bathi kubajabulise kakhulu ukuthi ngesikhathi sika thaqa (lockdown) ezolimo zazingelinye lamabhizinisi ayesemqoka, nokwenze bathola isivuno esikhulu.

“Ukuqhubeka nokusebenza ngisho nangesikhathi sikathaqa kulisize kakhulu ibhizinisi. Besisebenza ngaphansi kwemibandela eqinile, ngoba bekufanele senze isiqiniseko sokuthi silandela imigomo kathaqa siphinde futhi siqikelele inhlanzeko,” esho. Uqhube wathi iTongaat Hulett ibeseke kakhulu, yaphinde yabacija ngokuthi ibhizinisi lingaqhubeka kakhulu nokusebenza likhule. UMnuz Thandokwakhe Sibiya ongusihlalo ozimele kwibhodi yo-Uzinzo uthi wahlela iqhinga lokuqala ukuze Uzinzo lusimame. Lokhu kuhlela kwanikeza abaqondisi bale nkampani ithuba lokuthi babone ukuthi iyiphi indlela ephusile abangakhulisa ngayo leli bhizinisi, lisimame ikakhulukazi libonakale lithela izithelo eminyakeni emithathu nemihlanu ukusuka manje.