Bami ngomumo abezinhlekelele kulesifundazwe

0
115

UHULUMENI wesifundazwe usuqagule ukuthi uma kungalandelelwa ukuguquguquka kwesimo sezilu, kungase kudale umonakalo ozoba mkhulu ukwedlula lowo odalwe iCovid-19 emnothweni wesifundazwe.

Lokhu kuvele ngenkathi kunomhlangano woMkhandlu obhekelela ukuGuquguquka weSimo seZulu obuhlelelwe ukuhlaziya umthelela nendlela okungagwenywa ngayo le nkinga obuse-Inkosi Albert Luthuli International Convention Centre (ICC) muva nje. Lo mhlangano ubuhlanganise zonke izinhlaka zomkhandlu obhekelela lokhu kuzo okubalwa ongqongqoshe bakulesifundazwe, izimeya, izifundiswa, abaholi bomphakathi kanye nosomabhizinisi. Izikhulumi zigcizelele ukuthi uma kunganakiwe lokhu kungase kudale umonakalo nakwisimo senhlalakahle. UMnuz Sihle Zikalala onguNdunankulu, uxwayise osomabhizinisi ngokwenza imikhiqizo nokusebenza ngendlela ekhiqiza ubuthi obudala umonakalo kwimvelo. Uthe njengoba sekuphilwa esikhathini sobuchwepheshe, sekulula nokuthola ulwazi, akukho okunganeza ukuthi osomabhizinisi bengazifundisi ngalokhu. “Ukuguquguquka kwesimo

sezulu kusiphoqa ukuthi kukho konke esikwenzayo, kumele sikhiqize, sisebenze, siphinde siziphathe ngendlela engeke ibulale imvelo. Isizukulwane sethu sithweswe umthwalo wokuba siphile ngendlela evikela imvelo. Sikholwa ukuthi lokhu kuzovula amathuba amasha kwezamabhizinisi,” kusho uZikalala. UMnuz Ravi Pillay onguNgqongqoshe woMnyango wokuThuthukiswa koMnotho, ezokuVakasha nokuVikelwa kweMvelo, uthe lo mkhandlu kumele ubukele kulowo owalwa nokubhebhetheka kwesandulela negciwane lengculazi. Uthe akukho okungehlula isifundazwe uma izinhlaka ezithintekayo zisebenza ngokuzimisela.

“Kumele sithole umbiko ngenqubekela phambili yezinhlelo eziqhutshwayo isifunda ngasinye njalo emva kwezinyanga ezintathu. Umbiko kumele uchaze konke okwenziwayo njengokuthi uhlelo ngalunye seluhambe lwafikaphi, luwenzile yini umehluko noma cha,” kusho uPillay. Kulo mhlangano kuphinde kwathulwa amalunga amasha omkhandlu nezinhlelo zawo ezintsha, ezehlukile kulezo ezazethulwe ngo-2019 ngenkathi kwethulwa okokuqala lo mkhandlu. Kwezinye zezinhlelo ezibekwe phambili kubalwaneKZN Climate Change Action Plan.

Umsebenzi omkhulu walo mkhandlu ukuvimba izinhlekelele ezigcine zidlule nemphefumulo emningi njengoba kuke kwenzeka ezindaweni ezehlukene KwaZulu-Natal. Uzobheka kakhulu ekuphephiseni izimpilo zabantu, ukushoda kwamanzi, izidingongqangi emijondolo kanye nokushoda kokudla. UMqondisi we-Environment Development, Trade and Environmental Affairs uNks Sphumelele Nowele, uchaze kabanzi ngalezi zinhlelo. Uthe uma kungaqiniswa kakhulu kulokhu kungagwemeka umonakalo omkhulu. Uthembise ukuthi lolu phiko luzokhipha umbiko ogcwele ngalezi zinhlelo emva kweminyaka emibili. UZikalala uphinde waphosela inselelo intsha ukuba iqhamuke namasu amasha okuvikela imvelo. Uthembise ukuthi isazoqhubeka imikhankaso kahulumeni yokuqwashisa ngakho, wathi kusemqoka ukuthi nemiphakathi ibe ingxenye yegxathu eselithathwe uhulumeni wesifundazwe.