LIHLEHLELE umhlaka 16 Febhuwari icala lephoyisa elisolwa ngokudubula libulale isitshudeni sase-Unizulu kwisigameko esenzeke emijondolo yase-Uganda eMlazi, ngoMsombuluko wangesonto eledlule.
Umsolwa kulesi sigameko, uMnuz Sizwe Myeni, ubhekene namacala amathathu okungelokubulala uMfundo Phungula kanye namabili okukhomba ngesibhamu. UMnuz Myeni ubevele eNkantolo yeMantshi yaseMlazi ngoLwesithathu olwedlule.
UMyeni unikwe ibheyili ka-R2 000. Nakuba amalungu omphakathi ebegwele ngaphandle kwenkantolo, ezama ukuyifakela ingcindezi ukuthi ingamniki umsolwa ibheyili kodwa iMantshi uNks Nosipho Cele, uthe ukucasuka komphakathi akusona isizathu sokunqaba ibheyili.
“Kuhambelana nobulungiswa ukunika umsolwa ibheyili ngoba awekho amacala asabhekene nawo noma ake wabhekana nawo phambilini. Abukho nobufakazi bokuthi uMyeni unobungozi,” kusho uCele.
Enkantolo kuvele ukuthi ngosuku lwesigameko, uPhungula kanye nabangani bakhe bahlasela intombi yomsolwa ngoba inqabe ukubathengisela utshwala, bayishaye baze bayisabisa ngommese. Umsolwa uyena owabikela amaphoyisa ngokwenzeka.
Nakuba kwethulwe lobu bufakazi kodwa umngani kamufi uSeluleko Hlengwa owayenaye kwenzeka isigameko, uthi umsolwa wabahlasela ngoba ebasola ngokuthi abahloniphi ngoba bebavuse belele ebsuku.
“Sasiyothenga ubhiya sangawuthola sabe sesiya kwenye indawo. Sesibuya sahlangana noMyeni nentombi yakhe, basimisa uMyeni wakhipha isibhamu. Ngabaleka ngezwa sekuqhuma isibhamu, uma ngibheka uMfundo ngathola ukuthi udubulekile,” kusho uHlengwa.
Amalungu omphakathi athi isenzo senkantolo sitshengise ukuchema noMyeni ngoba engumuntu womthetho. Athi umsolwa bekungamele ethole ibheyili ngoba ubulale umuntu ekubeni kunguye okumele evikele izakhamuzi.
UMnuz Zazi Mdlalose oyilungu lomphakathi, uthe isenzo sinkantolo yiso esenza ukuthi amaphoyisa enze umathanda, acindezele amalungelo ezakhamuzi ngoba ayazi ukuthi izinkantolo zizowavikela uma esebhekene namacala.
Uthe abakholwa ukuthi umsolwa uzogwetshwa ngendlela emfanele ngoba inkantolo isitshengise ukuchema icala lingakaqali. Uthe umphakathi uphoxekile ngokuthi umuntu osolwa ngokubulala udedelwe ukuthi azohlala nabo emphakathini.
“Amaphoyisa ahlukumeza abantu nsuku zonke, sesaba ngisho nokuyobika eziteshini zamaphoyisa ngoba amaphoyisa ayavikelana. Siphoxekile ngokuthi ngisho nezinkantolo ziyawavikela,” kusho uMdlalose.
Umphakathi uphinde wakhala nangenani lebheyili, wathi okungenani bekumele ibe ngu-R20 000 ngoba uMyeni usebenza kahle futhi ungumuntu owaziyo umthetho. Athi afe olwembiza ngokulahlekelwa umfana obenekusasa eliqhakazile.
UPhungula ebenza unyaka wesithathu wezifundo zeConsumer Science e-University of Zululand (Unizulu) eyaziwa ngokuthi uNgoye. Wadubuleka entanyeni washonela ePrince Mshiyeni Memorial Hospital.






