Kubhikishe onogada ekolishi eMbumbulu

0
200

ONOGADA baseMbumbulu Coastal Tvet College, KwaMakhutha, eningizimu yeTheku, balaxaze amathuluzi ngokungawatholi amaholo kaDisemba nyakenye. Onogada babeke amathayi avuthayo nezihlahla emnyango wesikole ngoLwesibili olwedlule ekuseni.

Omunye unogada, ocele ukungadalulwa, utshele abemithombo yezindaba ukuthi akukhona okokuqala bebambezeleka umholo wabo.

“Ziningi izinkinga esibhekene nazo. Kwesinye isikhathi imiholo yethu ayifiki iphelele futhi kwesinye isikhathi iyabambezeleka, asikhokhelwa isikhathi esengeziwe noma izinga lomholo elingafanele, kuyakhathaza impela,” kusho bona.

Onogada bakulesi sikhungo baqashwe enkampanini yonogada ezimele iCalvin and Family Security. “Inkampani isitshela okunye kanti ikolishi lisitshela okunye, ngakho asinaso isiqiniseko sokuthi ubani ongakhokhile,” kusho omunye unogada.

Onogada bathe bazoqinisa imibhikisho yabo usuku lonke kuze kube kukhona okhuluma ngezinto ezibakhathazayo.