
IDURBAN Life Line ngokubambisana namaphoyisa akwaSAPS aseMlazi, ihlanganise abafana baseGlebelands Hostel nasezindaweni ezisondelene nayo, belulekwa ngendlela efanele yokuziphatha ukuze bengeke bezithole sebedonsa izigwebo emajele ngenxa yezinqumo abazithathayo.
Lokhu kwenziwe ngaphansi kohlelo iYoung Boys to Men, eyaqala ukusebenza ngo-2019. Lolu hlelo luhlose ukuqinisekisa ukulingana kobulili nokulwa nodlame lobulili, ukunukubeza ngokocansi nokudlwengula kanye nokusetshenziswa kwezidakamizwa. Abafana bathole nethuba lokubuza ngezinkinga abahlangabezana nazo.
Okwenzeka kulolu hlelo sekuthele izithelo ezinhle njengoba umehluko usuqalile ukubonakala. Amadoda abambisana nabesimame ekuvikeleni nasekuthuthukiseni izingane kanye nentsha yesifazane. Uhlelo alugcini ngokulwa nezigameko zokuhlukumeza kodwa luphinde lusize nangezempilo, lubhekelele nokuhlomula kumathuba ezomnotho emphakathini.
UNkz Thuli Taylor ongusonhlalakahle weDurban Life Line, ukhuthaze abafana ukuba bengavaleli ukucasuka kwabo ngaphakathi ngoba bazogcine bebukhiphele kwabanye. Uthe uyakuqonda ukuthi kunzima ukuthi amadoda ekhuleme ngezinkinga, wabagqugquzela ukuthi beshintshe okubi abakwanzayo ukuze bezoba abaholi abaqotho.
UMnuz Sipho Hlengwa naye ongusonhlalakahle kule nhlangano, uthe uhlelo lubhekelela ukuthi abafana bephile ngendlela efanele. “IDurban Life Line isebenza namadoda nabafana umhlaba wonke ngenhloso yokufeza ukulingana kobulili. Uhlelo lwenza ukuthi beziphathe ngesizotha, bakhe ubudlelwane obuhle, bevikele namalungelo wabantu,” kusho uHlengwa.
UKapteni Nkululeko Kweyama oyiNhloko ye-Umlazi SAPS Social Crime Prevention, ukhuthaze abafana ukuba bezithuthukise ngokugxila kwimfundo nasekusunguleni amabhizinisi ukuze bezoba amadoda ahloniphekile nanakekela imndeni yawo. Uthe uyakuqonda ukuthi ukwehluleka ukunakekela umndeni kunomthelela ebugebengwini.
Uxwayise abafana ngokuzinikela ebugebengwini, wathi uma benza lokhu bayophelela ejele okungagcine kumoshe ikusasa labo.






