
UNGQONGQOSHE wamaphoyisa kuzwelonke, uMnuz Bheki Cele, ugqugquzele amaphoyisa ukuthi asebenze ngokuzikhandla ukuqinisekisa ukuthi izigebengu ziwanukela engekho eduze kwawo.
Lokhu kuvele enkulumeni kaMnuz Cele ngesikhathi ethula umkhankaso wokuphepha komphakathi njengoba sekusondele amaholidi okuphela konyaka. Uthe kufanele amaphoyisa aqinisekise ukuthi umphakathi uphephile, futhi nezivakashi zihamba ngokukhululeka ngaphandle kokwesaba ukuthi kunezigebengu ezizozihlasela. Uthe zonke izakhamuzi kufanele kuqinisekiswe ukuthi azikho engozini yezinswelaboya njengoba abantu bazobe behambela ezindaweni ezahlukene. Uthe ngaphandle kobugebengu amaphoyisa kufanele futhi abhekane nodaba lodlame olususelwa ebulilini, ukuphepha emingceleni kanye nokwephula imithetho yomgwaqo njengoba kuqala isizini yamaholide.
UMnuz Cele kulomkhankaso abewethula ngoLwesihlanu phakathi kwabebekhona ngesikhathi ewethule kubalwa iPhini lakhe, uMnuz Cassel Mathale kanye noKhomishani wamaPhoyisa kuzwelonke uGeneral Khehla Sitole. Kulindeleke ukuthi amaphoyisa athunyelwe ezindaweni ezishisayo ngobugebengu kuyo yonke iNingizimu Afrika ukuqinisekisa ukuthi izakhamizi nalabo abavakashela kuleli baphephile. UCele uthe kugxilwa futhi nasekuqinisekiseni ukuthi izakhamuzi ezisengozini zizovikeleka: “Abesifazane, izingane, abantu abadala kanye nabo bonke abantu bezinhlobo ezahlukene bazovikelw,”usho kanje. Ukhiphe isexwayiso esishubile ezigebengwini, wathi: “Inhloso lapha ukutshela izigebengu ukuthi siseduzane nokuthi kumele zizizwe, zisizwe, zisizwe futhi zibaleke ngoba zizowukhomba umuzi unotshwala”, wanxusa nemiphakathi ukuthi ibambisane namaphoyisa.






