Kuthungathwa osolwa ngokubulala isitshudeni sase-MUT

0
112
Kukhishwe incwadi egunyaza ukuboshwa kukaMnuz Bongani Sanele Mbambo (28) osolwa ngokubulala uNksz Xolile Mbatha obeyisitshudeni sase-MUT

AMAPHOYISA asegcine ekhiphe incwadi egunyaza ukuboshwa kukaMnuz Bongani Sanele Mbambo (28) osolwa ngokubulala uXolile Mbatha (23) obeyisitshudeni eMangosuthu University of Technology (MUT) ngoJulayi 31, kulonyaka.

Ngokombiko wamaphoyisa ngomhlaka 31 Julayi 2022 ngo-07:30 ebusuku, amaphoyisa asePhoyinti, eThekwini, abizelwe endaweni okuhlala kuyo izitshudeni kuMahatma Gandhi Road lapho bekugwazwe khona owesifazane oneminyaka engu-23 ubudala.

“Ngesikhathi amaphoyisa efika endaweni yesigameko afice isidumbu sowesifazane sinamanxeba okugwazwa amaningi emzimbeni nokwagcina kuqinisekiswe ukuthi ushonile endaweni yesigameko okutholakale ukuthi unguXolile Mbatha okulandele ukuthi kuvulwe icala lokubulala esiteshini samaphoyisa ePhoyinti ,”kusho isitatimende.

“Kukhishwe incwadi egunyaza ukuthi aboshwe uBongani Sanele Mlambo (28). Okwamanje akwaziwa ukuthi ukuphi. Sicela noma ngubani ongaba nolwazi mayelana nokuthi ukuphi umsolwa ofunwayo ofakwe esithombeni ukuthi athinte umphenyi uDetective Sergeant Xulu ku-031 367 4012/ 082 720 9592 noma iCrime Stop ku-08600 10111. nge-MySAPS App.