Bazovela enkantolo ngecala lezibhelu zikaJulayi 2021

0
69
Abanye babasolwa abane ecaleni lwezibhelu zangoJulayi ngonyaka odlula abebevele eNkantolo yeMantshi eThekwini

BALALELWA ku-34 abasolwa okulindeleke ukuthi bavele eNkantolo yeMantshi yaseThekwini ngoLwesihlanu kulelisonto. Ukukhuphuka kwesibalo sabasolwa kuleli cala kulandela ukuvela kwabanye abangu-8 ngeledlule.

Badedelwe ngebheyili ka-R3 000 umuntu ngamunye. Bangu-26 sebebonke abasolwa asebevele enkantolo.Laba abangu-8 baphinde babekwa amacala ahlobene netulo lokudala udlame emphakathini, nokugqugquzela ukucekela phansi impahla okuhlobene nokuphanga nodlame emphakathini.

Abanye abasolwa abangu-8 abasolwa ngokususa uthuthuva ngoJulayi bavele eNkantolo yeMantshi yaseThekwini ngoLwesine olwedlule. Lokhu kwenza isibalo sabantu ababoshiwe sibe ngu-34. Kuqale kwaboshwa abantu abangu-22, abanye abane bavele enkantolo ngoMsombuluko.

Ngokusho kukaNatasha Kara, okhulumela i-NPA, bonke abasolwa babhekene namacala okwakha itulo lokudala udlame emphakathini, ukugqugquzela udlame emphakathini nokugqugquzela ukucekelwa phansi kwempahla okuhlobene nezenzo zokuphanga nodlame emphakathini ezenzeke ezindaweni ezithile KwaZulu-Natal ngoJulayi. 2021.

UKara uthe ibheyili ibekwe ku-R3000 umuntu ngamunye. Ingxenye yemibandela yebheyili ihlanganisa, ukungathumeli imininingwane mayelana naleli cala ezinkundleni zokuxhumana, ukwazisa umphenyi wecala uma umsolwa efisa ukuhamba eKZN kanye nokwazisa umphenyi wecala uma kwenzeka eshintsha ikheli lalapho ahlala ngokunjalo noma esintsha yakhe yokuxhumana. Icala lihlehliselwe umhlaka-26 Agasti 2022 ukuze kuzoqhutshekwa nophenyo.