
SEKUMI ngomumo ngombungazo weminyaka engu-9 ozobe uhambisana nezimvuselelo zokubonga amandla kaNkulunkulu iKingdom Life Ministries International (KLMI) yasungulwa ngaphansi kobuholi bukaPastor Lungi M (Apostle).
Lombungazo okulindele ukuthi uqale kusasa ngoLwesine uze uphele ngeSonto ngaphansi kwesiqubulo esithi, “Grace Upon Grace” uzokuba sesakhiweni sebandla ku-100 Stalwart Simelane, ekhoneni lemigwaqo uWest noStanger, eThekwini.
Ngokohlelo kulindeleke ukuthi kusasa, Agasti 25, kube wusuku lwendumiso yokubonga amandla oMdali nezwi leNkosi ngeke lisale ngaphansi kuzoqalwa ngo-6 ntambama. NgoLwesihlanu kuzobe kune Kingdom Culture Night ezoqala ngo-6 ntambama nalapho uzophuma ubusisekile ngokuzobe kwenzeka. NgoMgqibelo kulindeleke ukuthi kube neSidlo, iGala Dinner ezoqala ngo-1 ntambama bese kuthi ngakusasa ngeSonto, Agasti 28 kube nenkonzo ezoqala ngo-9 ekuseni, iProphetic Service.
Phakathi kwezinceku zeNkosi okulindeleke ukuthi zidedele lokho uNkulunkulu aziphathise kona ekuphakeni izwi leNkosi, kubalwa u-Apostle TE Ximba, kubadumisi kulindeleke uPrecious Mosotho kanye no Ndumiso Mzobe.
Ngaphandle kwentshumayelo nabadinga ukuphulukiswa ezinkingeni ezibakhungethe ngeke basale ngaphandle ngoba lizobe likhona nelabo ithuba. Leli bandla liyibandla elibukeka lilidala kodwa elingenasikhathi esingakanani lasungulwa, futhi elibonakala lidlondlobala kakhulu ngamandla kaMdali.
UPastor Lungi M uthi ucela abantu beze bazobona amandla kaNkulunkulu esebenza futhi kuzokhulekwa ngoba eNingizimu Afrika manje siphila esikhathini esinzima esidinga amandla omkhuleko.






