Kuqiniswa umkhankaso wokugomela uKhuvethe

0
109
Umkhankaso wokukhuthaza ukugomela uKhuvethe uqhutshwa kuzo zonke izindawo lapho kunezibalo eziphezulu zabantu abahaqwe ilolu bhubhane

UBUKEKA usuqiniswa kakhulu kunakuqala umkhankaso wokugomela uKhuvethe oqhutshwa uMnyango wezeMpilo kuleli njengoba kuliwa nemizamo yokugwema ukubhebhetheka kwalomkhuhlane.

UMnyango wezeMpilo kazwelonke nowalesi sifundazwe uhambele ezindaweni ezehlukene eMlazi nasenkabeni yedolobha ukuyokhumbuza izakhamuzi ngokubaluleka kwakho. Phakathi kwezindawo ozihambele kubalwa nehostela iGlebelands, eMlazi, eningizimu yeTheku. Ezikhulumini zikahulumeni ezikhuthaze umphakathi ngokubaluleka kokugomela lomkhuhlane bekukhona uNgqongqoshe kazwelonke, uDkt Joe Phaahla, owesifundazwem, uNkk Nomagugu Simelane-Zulu, iNhloko yoMnyango wesifundazwe, uDkt Sandile Tshabalala, amakhansela nabanye.

Lokhu kwenziwe njengendlela yokudlondlobalisa umkhankaso kaMengameli iVooma Vaccines Weekends lapho kukhuthazwa khona izakhamuzi ukuthi zisebenzise izimpelasonto ukuyogoma. Kulesi sifundazwe uqhutshwa ngaphansi kwesiqubulo esithi “Siyagoma Waya-Waya”. Umkhankaso uhlose nokuphendula yonke imibuzo ngodaba lomgomo woKhuvethe kubantu abangakagculiseki ngolwazi abanalo. UPhaahla uthe abantu kumele bangavumeli ukukhohliswa abahlose ukufeza izinhloso zabo ngokungagomi kwabantu abaningi. “Ongoti bezempilo nososayensi ngeke babeke izimpilo zabantu engozini, umgomo uhlose ukusiphephisa. Wenzela ukuthi abantu bengaguli kakhulu kuze kufike lapho belaliswa khona ezibhedlela. Ukugoma kuzoholela ekuxegisweni kwemigomo kathaqa,” kusho uPhaahla.

USimelane-Zulu uthe kusemqoka ukuthi bebe baningi abagomayo njengoba imgomo emningi isixegisiwe, okusho ukuthi sebebaningi abantu abazoba sengozini. Uthe ngaphezu kwalokhu kumele bephinde beqinisekise ukuthi bayayilandela yonke imgomo ebekiwe yokuzivikela. “Umkhankaso uzoqhutshwa ngazo zonke izimpelasonto kodwa lokhu akusho ukuthi abantu bagonywa ngazo kuphela, abantu abaqhubeke nokuya ezikhungweni zokugoma. Asingalaleli osomanga abafuna senze okungalungile, sikhethe ukuzivikela,” kusho uSimelane-Zulu. UNks Khanyisile Hlophe uthe bayakujabulela ukuthi umnyango uyaqhubeka nokuchazela izakhamuzi ngomgomo ngoba ufisa ukuthi kugome wonke umuntu ukuze izwe lizovulwa. Uthe kusekhona nabaningi abangawuthembi umgomo. “Kusemqoka ukuthi sigome kodwa njengesakhamuzi angikwazi ukushintsha umqondo wabantu ngokubaluleka nezinkoleloze ngawo, ukufika kwezikhulu zikahulumeni kukhuthaza abaningi ukuthi bewuthembe umgomo,” kusho uHlophe.