Bathembisa isixazululo enkingeni yamanzi

0
47
USolwazi ArchBishop TB Ngcobo uMengameli we-AFR ongenele esobumeya beTheku

UKUHLUPHEKELA amanzi kwezakhamuzi zasemakhaya kanye nasemadolobheni ezingaphansi phansi komasipala abehlukene, inhlangano yezombusazwe, i-African Freedom Revolution (AFR) ithi izimisele ukukuqeda uma ithola ithuba lokubayingxenye yokwengamela nokuba semikhandlwini njengoba kubhekwe okhethweni lohulumeni basekhaya oluzoba ngoNovemba 1, kulonyaka.

Leli qembu elifolose ngoMengameli walo, uSolwazi Archbishop TB Ngcobo, kwesokuba yiMeya yeTheku, uma lidla umhlanganiso lokhu likuveze omqulwini wohlaka lwezethembiso zalo eseliqalile ukuwethula ezindaweni ezahlukene kuleli. Ngaphandle kohlelo lwamanzi abantu abaningi abasawabanga nezinkomo kanye namaselesele kwezinye izindawo, i-AFR ithi ifuna ukuqeda ngohlelo lwamathenda futhi iqashe umphakathi ozoba yizisebenzi zikaMasipala  kanye nokweseka osomabhizinisi. Lenhlangano ezigqaja ngombuso kahulumeni wawo wonke amazinga ahamba ngokohlelo lukaNkulunkulu, ithi eThekwini ifuna ukuqinisekisa ukuthi u-99% ukuqashwa kwabantu bendawo. “Sizimisele ngokususa izikweletu zamanzi nogesi zangaphambilini bese sifaka uhlelo olulula noluthembekile olusha. Ukulungisa yonke imigwaqo engenela emakhaya lapho kunezingqinamba khona. Abakhokhi bentela sihlela ukuthi uma kukhona oshonile athole umgodi azobekwa kuwo ngaphandle kokukhokha njengengxenye yokukhombisa ubuntu,” kusho i-AFR ohlwini lwezethembisa zayo. I-AFR ifuna ukuphuthumisa uhlelo lwamafulethi nezindlu zomxhaso kahulumeni ukuze kuqedwe imijondolo. Ukusheshiswa kokutholakala kwezimvume nokuxhaswa kwezimali kubadayisi basemgwaqeni ngezinye zezinto eziseqhulwini le-AFR.

Lenhlangano iqhuba ithi, ukuqinisekisa bonke osomabhizinisi bendawo nezinkampani ukuthi bakhokhele abantu ababasebenzelayo ngokuya ngeholo elisemthethweni. Izimisele futhi ukusiza abafundi ngemifundaze nangezindawo zokuhlala ze-RDP. “Ukuhlinzeka ngamakhono nolwazi lobungoti emphakathini ukuze uzinakekele. Ukuqinisekisa ukuphepha ezakhamizini nasemabhizinisini. Ukwakha ubudlelwano obusebenzayo phakathi kwabaholi bezenkolo ngokunikela ngezinsizakalo zezifo zomphakathi kanye nokusebenzisa izakhiwo zesonto ukuthuthukisa amakhono nokuhlinzeka ngezindawo zokukhulekela. Ukwakha ubudlelwano bokusebenzisana namakhosi nezinduna ukwenza ngcono izimpilo zomphakathi wethu. Ukusungula izinkundla nokuxhaswa ngezimali kwezobuciko nezemidlalo ukukhuthaza amathalente entsha,” kuqhuba umqingo wezethembiso. Ngaphandle kwalokho leli qembu lithi lizimisele ukuphuthumisa uhlelo lokulungiswa kwamalokishi nezakhiwo kanye nobunikazi bamatayitela kanye nokuqinisekisa ukuvuselelwa kwamadolobha ukuze kukhule umnotho kuhlomule nabantu bendawo futhi kubuyiswe ubunikazi bezomnotho.