Kukhuzwa isihlava sokubulawa kwabathandana nobulili obufanayo

0
102
UNgqongqoshe woMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi kulesi sifundazwe, uNkk Nonhlanhla Khoza, ugxeka ukubulawa kwabantu abathandana nabanobulili obufanayo nalo lonke uhlobo lodlame

UNGQONGQOSHE woMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi kulesi sifundazwe, uNkk Nonhlanhla Khoza, uwotha ubomvu ngokubulawa ngesihluku kwesishoshovu senhlangano yabathandana nabobulili obufanayo, i-Lesbian, gay, bisexual, transgender, and questioning (LGBTQ)+.

UNkk Khoza esitatimendeni sakhe esithunyelwe abezindaba ucele ukuthi usecele ukuthi umsolwa ogwaze wabulala uSisanda Gumede (28) waseMphusheni, eMbumbulu eningizimu yeTheku ngeledlule., waphuthunyiswa esibhedlela lapho efike washonela khona. UNkk Khoza uthe, imininingwane maqondana nalesi sigameko iyindida, kodwa izinsolo zithi uGumede nomzala wakhe baba nengxabano ngesikhathi besekhaya. Ukubulawa kukaGumede kusolwa ukuthi kubangelwa yinzondo ebhekiswe kwabesilisa abathandana nobulili obufanayo, njengoba nomzala wakhe kuthiwa wajabula ngemuva kwesigameko, kwathiwa wathi usisusile isiqalekiso emndenini.

UNkk Khoza ucele ukuthi aboshwe ngokushesha. “Amaphoyisa akumele azinike isikhathi ngesikhathi umsolwa engaboshwa. Kumele siqinisekise ukuthi uyaboshwa ukuze aphendule ngesono sakhe, njengoba ahlasela owesifazane ongakwazi ukuzivikela,” kusho uNkk Khoza. “Sinamahloni kakhulu ngokuthi, esizweni sakithi, sisenabantu ababhekene nokucwaswa ngenxa yesimo sabo sezocansi,”usho kanje uNgqongqoshe uNkk Khoza.Okhulumela amaphoyisa uColonel Thembeka Mbele uthe baphenya icala lokubulala. “Kusolwa ukuthi ngeSonto ngo-8 ebusuku, isisulu sowesifazane esineminyaka engu-28 ubudala sigwazwe ngommese ngumsolwa owaziwayo eMphusheni esigodini saseMbumbulu. Waphuthunyiswa esibhedlela, nokuyilapho afike washonela khona ngesikhathi efika imbangela yalokhu kuhlasela ayaziwa, kanti necala lisaphenywa, “kusho uCol. Mbele. “Ukucwaswa kanye nenzondo abhekiswe kubantu abathandana nabobulili obufanayo, abesilisa nabesifazane, abuhambisani noMthethosisekelo wezwe, kusho uKhoza. Uthe: “Kumele kungene ezingqondweni zabo bonke ababandakanyeka ebulelesi obunje ukuthi akekho onelungelo lokuthatha impilo nokuhlukumeza umuntu ngenxa yobulili babo. Uhulumeni wethu wenze imizamo emikhulu yokuvikela amalungelo e-LGBTQI +. Kodwa-ke, izehlakalo ezifana nalesi zinciphisa yonke imizamo eyenziwe”. “Sizibophezele ekulweleni ubulungiswa, futhi sifuna umphakathi wethu ubambisane ekuqedeni lobu bugebengu. Sixwayisa imiphakathi ukuthi isebenzisane ukuqeda ubugebengu obunenzondo, ukuzonda abesilisa nabesifazane kanye nezinye izinhlobo zokubandlululwa okungafanele emiphakathini ye-LGBTQI +,”kusho uNkk Khoza.

Uphiko lwabesifazane lwe-African National Congress, i-ANC Women’s League kulesi sifundazwe nayo ithe, iphazamiseke kakhulu ngesigameko sokubulawa ngesihluku kukaSisanda Gumede, owagwazwa amahlandla amaningi wabulawa ngosolwa ngokuthi yisihlobo sakhe, ngomhlaka 25 Septhemba 2021, eNtinyane, eMbumbulu, eningizimu yeTheku. “Ukubulawa kukaGumede kusolakala ukuthi kugqugquzelwe yinzondo ebhekiswe kwabesilisa abathandana nobulili obufanayo. Sishaqekile ngokubulawa ngesihluku okungenangqondo kukaGumede.

Indlela abulawe ngayo lo wesifazane ikhombisa izinga elingenasimilo lokuhlukumezeka kanye nokuntuleka kwesintu emiphakathini yethu,”kusho uNobhala Wesifundazwe uNkk Nonhlanhla Gabela. “Siyazigxeka kakhulu lezi zigameko futhi sinxenxa umphakathi ukuthi uqede le nkulumo enenzondo, ukuzonda abathandana nobulili obufanayo nobunye ubandlululo olungafanele olubhekiswe emphakathini oyi-LGBTIA +, ”kuqhuba uNkk Gabela. Sicela uhulumeni, imiphakathi, abaholi bomphakathi, izinhlangano zezenkolo, izinhlangano zomphakathi, amabhizinisi kanye nayo yonke eminye imikhakha yomphakathi ukuthi yamukele amalungu e-LGBTIA + futhi ihloniphe nelungelo labo lokulingana, isithunzi kanye nenkululeko ebhalwe kuMthethosivivinywa Wamalungelo nezinye. Sidlulisa amazwi enduduzo emndenini wakwaGumede oshonelwe, futhi sinxusa labo abanemininingwane engaqinisekisa ukuboshwa kothintekayo ekubulaweni kukaGumede ukuba baphumele obala,”kuphetha uNkk Gabela.