
ABAFUNDI babesenhlanhleni yokuyalwa ngobungozi bokuzibandakanya nezidakamizwa, uphuzo oludakayo kanjalo nezikhali eziyingozi. Amaphoyisa esiteshi saseMlazi ophiko lokulwa nobugebengu kanye nabezenhlalakahle, namavolontiya omnyango wezokuPhepha nokuXhumanisa uMphakathi babambe umkhankaso lapho bebeyala khona abafundi abenza uGrade 10.
Labafundi bahlukaniswe ngezigaba ezimbili uKaputeni Nkululeko Kweyama uthathe abafundi besilisa, kwathi uSergeant Sthembile Shezi wathatha abafundi besifazane. UKaputeni Kweyama oyinhloko yophiko lokulwa nobugebengu kumaphoyisa aseMlazi, utshele abafundi babafana ngobungozi bokusebenzisa izidakamizwa, ukuphatha izikhali eziyingozi kanye nokuhlukumeza abantu besifazane. Ugqugquzele abafundi ukuthi banake izincwadi zabo ukuze babe nekusasa eliqhakazile.
“Kufanele niziqhelanise nezenzo ezingashabalalisa ikusasa lenu. Ziqhelaniseni nobugebengu ngoba kungaholela ekutheni ugcine ejele, bese ubanenkinga uma sekufanele uthole umsebenzi,” kuchaza uKaputeni Kweyama. Utshele abafundi ukuthi ukuzibandakanya nobugebengu akulungile, ngoba ugcina uboshwa bese kugingqwa izithupha zakho ziyiswe ePitoli kwaLocal Criminal Record Centre, kanti uma sezilapho akulula ukuthi ziphume kufanele ulinde iminyaka eyishumi. Uveze ukuthi izithupha ziyakuvalela kwesinye isikhathi ukuthi uthole umsebenzi owufunayo. UKweyama ukhumbuze abafundi ukuthi umnyango wamaphoyisa uvuliwe ukuthi bazobika amacala. Uveze ukuthi bazimisele bengamaphoyisa ukugcina izikole ziyindawo ephephile, ukuze abafundi bazizwe bephephile sonke isikhathi uma besesikoleni.
“Ngicela nihloniphe othisha benu, ngoba ukuziphatha kabi kuholela ezenzweni ezingezinhle. Ngizimisele ukubopha izigebengu ezingazimisele ngokufunda, kodwa eziphoqelela ezinye izingane ukuze zenze izenzo zobugebengu, okufana nokuzibandakanya kwizidakamizwa kanye nezenzo zobugebengu. Izigebengu zifanelwe ijele, hhayi isikole,” esho. Uphethe ngokuthi atshele abafundi ukuthi akaze ambone umuntu osebenzisa izidakamizwa okanye ozidayisayo ephumelele empilweni, kodwa impilo yabo ihlezi imfushane, ngoba bahlala ngokusaba futhi bangena bephuma emajele. Unxenxe abafundi babike bonke abantu abadayisa izidakamizwa emaphoyiseni. USergeant Shezi obekhuluma nabafundi bamantombazane ukhuthaze abafundi ngokuthi bazithibe ocansini, kuze kube bangena emshadweni. Ugqugquzele izingane zamantombazane ukuthi zizigcine ziyizintombi nto, banake izincwadi zabo ukuze bezoba nekusasa eliqhakazile.
“Akufanele nibe nengcindezi yokuthi sekufanele nihushule izisu ngoba nakhu ukhulelwe isikhathi singakafiki. Zithibe ocansini ukuze ungabhekani nengcindezi yabantu abadala, wena kufanele uzikhathaze ngesikole okwamanje. Ziningi izinto ezimbi ozithola ngokusheshe uzibandakanye nocansi, okubalwa nezifo zocansi. Zonke lezinkinga engizibalayo ungazigwema uma ungaziphatha kahle ubhekane nezincwadi zakho,” kusho uSergeant Shezi. Uphinde wanxenxa amantombazane ukuthi adlalele kude notshwala nezidakamizwa, ngoba maningi amacala okudlwengula enzeka uma abantu sebephuze utshwala. “Kufanele uzihloniphe, uzithande ukuze ubenekusasa eliqhakazile,” esho. Uphethe ngokuthi abakhuthaze ngokuthi babike emaphoyiseni uma kukhona obahlukumezayo, ngoba akekho umuntu onelungelo lokubahlukumeza.






