
UVALO lokwesabela ukuphepha kwabantu kwezinye izindawo esezihlonzwe njengezibukeka kuzoba nokhetho olungakhululekile, sekwenze ukuthi uNgqongqoshe wamaPhoyisa uMnuz Bheki Cele kuleli abe nombono wokutshalwa kwamasosha kulezi zindawo.
UMnuz Bheki Cele lokhu ukusho ngesikhathi ekhuluma nabemithombo yezindaba ngemuva kokuhambela imindeni yabesifazane abathathu abadutshulwe babulawa eNanda ngempelasonto, wathi ukhetho alunakubekwa engcupheni nokuthi kuzodingeka kutholakale isabelomali sokuqinisekisa ukuthunyelwa kwezokuphepha kwezinye izindawo. Uthe ngokubona isimo kungenzeka kube nesicelo sokuthi kwezinye izindawo ezibukeka njengezibucayi kutshalwe amalungu eSouth African National Defence Force (SANDF) okhethweni lohulumeni basekhaya oluzoba ngoNovemba 1, kulonyaka. UMnuz Cele obekhuluma ngoLwesibili olwedlule ngemuva kokuhambela imindeni yabesifazane abathathu abadutshulwe babulawa ngaphandle kwesikole eNanda esigcemeni kwa-C, ngesikhathi kunombuthano we-African National Congress (ANC) ngempelasonto. UNks Ncamisile Shange (34), uNkk Beatrice Nzama (60) kanye noNks Philisiwe Jili (37) badutshulwe babulawa ngoMgqibelo owedlule ngaphandle kwasesikoleni eBuhlebethu, ngabantu abangaziwa ababehamba ngemoto okuthiwa bafike bavulela ngenhlamvu.
UMnuz Cele uthe yize lokhu bekungakahlanganiswa nezincazelo zezepolitiki okwamanje, kodwa izenzo ezifuze lesi esenzekile zibukela phansi intando yeningi. Kuloluhambo lwakhe uMnuz Cele ubehambisana namanye amalungu ethimba lezobulungiswa, awezokuphepha nokulwa nobugebengu okubalwa nePhini likaNgqongqoshe wezokuPhepha kwezwe nezobuNhli eHhovisi likaMengameli, uMnuz Zizi Kodwa. Uthe bazoqinisekisa ukuthi bayaluvikela ukhetho oluzayo lohulumeni basekhaya, kodwa wagcizelela ukuthi kubonakala sengathi usizo lweSANDF luyaadingeka.
UMnuz Kodwa uqinisekise abaseNanda ukuthi bazovikelwa ngesikhathi sokhetho. “Umsebenzi wethu njengamanje wukuvikela izakhamizi kulolu khetho ngoba uma senza njalo sizobe sivikela uhlelo lokuqhubeka kokhetho ngoba kunobugebengu obucacile obuzokwenza ukuthi izakhamizi zesabe (ukuyovota ngosuku lokhetho),” kusho uMnuz Kodwa. Uqinisekise umphakathi ukuthi bazobhekana nanoma yiziphi izinsongo ezifuna ukuphazamisa ukhetho. “Sifuna ukuqinisekisa ukuthi siyabaqinisekisa abantu bethu ukuthi lolu khetho luzophepha. Uma kukhona izinto eziqhubeka nokusabisa, umthetho uzodlala indima yawo,” uqhube kanje.






