
NJENGOBA kusabungazwa i-16 Days of Activism for No Violence against Women and Children, ihhovisi lezokuXhumana lamaPhoyisa aseMlazi likhuthaza ukubambisana komphakathi namaphoyisa ekulweni nale nkinga yodlame olubhekiswe kwabesifazane nezingane kanye nobugebengu.
UConstable Sithobile Nyoni osebenza kuleli hhovisi, uthe umphakathi udlala indima ebalulekile ekulweni nobugebengu ngoba yiwo oba nolwazi ngokwenzekile, amaphoyisa abe eselandelela umkhondo ngolwazi aluthole kwabazibonele.
Ekhuluma ohlelweni lukaDj Amza noDj Nontethelelo kwisiteshi somphakathi saseMlazi Intozoko 101.2 FM, uNyoni uthe izakhamuzi kumele zilwisane nale nkinga ziphinde zivikele izisulu ngokuqinisekisa ukuthi bonke abenzi bobubi bayabikwa emaphoyiseni.
Uthe kunezindlela ezikhethekile okumele kuphathwe ngazo izisulu ukuze zizozizwa zivikelekile. Uzehlukanise ngezigaba ezingu-6, kuqala ngokuthi bonke abayizisulu kumele behlonishwe futhi bekhulume nephoyisa eliqeqeshiwe kuphela.
Kumele besizakale kwiVictim Friendly Room (VFR), egunjini lapho bezokwazi ukubhala khona izitatimende ngokufihlekile okanye kwisikhungo esinakekela izisulu. Izisulu kumele ziphinde ziyiswe ezikhungweni zezempilo ukuze zizothola usizo, kuqoqwe nobufakazi.
Uphenyo lwenziwa iFamily Violence, Child Protection and Sexual Offences (FCS) okanye umphenyi. Imindeni nezisulu zokunukubezwa ngokocansi, ukubulawa kowesimame noma kwengane kumele zithole usizo lwezomthetho, olwengqondo nangokwehlalo.
Zonke izisulu ezivule amacala kumele zithole imininingwane ephelele ngenqubekela phambili yophenyo. UNyoni uthe lezi zigaba ziqinisekisa ukuthi izisulu azizizwa zicindezeleke kakhulu uma ziyobika amacala.






