Kushone owesifazane, kwalimala abangu-20 engozini yetekisi

0
84

KUSHONE owesifazane kwalimala abangu-20 ngemuva kokuba itekisi ishayisane nenye imoto ku-Higginson Highway, ngasemathuneni aseMobeni, eninizimu yeTheku ntambama ngoLwesithathu olwedlule.

Ngokusho kwabezimo eziphuthumayo be-ALS, itekisi ebigcwele ishayisane nemoto encane yagingqika ngaphambi kokuthi yehlele eceleni ku-M1 Higginson Highway ngoLwesithathu ntambama.

Ngesikhathi abosizo lokuqala befika, bathole owesifazane, okukholakala ukuthi uneminyaka elinganiselwa ku-40 ubudala, elimele kabi kanti kuthiwa ushonele endaweni yesigameko.

“Abanye abagibeli abangu-20 bathole imihuzuko, kusukela kwemincane kuya kwabalimele kakhulu, bathole usizo lokuqala endaweni yesigameko ngaphambi kokuba baphuthunyiswe ezibhedlela ezahlukene zaseThekwini ukuze bathole okunye ukwelashwa abebekudinga,” kusho okhulumela abezimo eziphuthumayo be-ALS uGarrith Jamieson. Ngesikhathi sokuloba imbangela yalenhlekelele yengozi ibingakaziwa, amaphoyisa abesaphenya.