
KUBE wumzuzu obuhlungu ngesikhathi amaphoyisa asebenzela esiteshini saseMlazi ekhanyisa amakhandlela njengengxenye yokukhumbula bonke labo abashone ngenxa yesifo sengculazi negciwane lesandulela ngculazi.
Lokhu kwenzeke ngosuku lokubungaza kanye nokuhlonipha labo abashone behaqwe yigciwane lesandulela ngculazi kanye nokubuyisa ithemba kulabo abasahaqekile obelugujwa emhlabeni wonke jikelele. Kulo nyaka lolu suku lubungazwe ngaphansi kwesiqubulo esithi “End Inequalities, End AIDS”, ebesihlose ukugqamisa ukuthi usemkhulu kangakanani umsebenzi okumele wenziwe ekulweni naleli giwane, ukucwaswa kwabantu abaphila nalo kanye nomthelela walo.
UColonel Z Mkhize oyiBamba likaMphathi wesiteshi, ukhuthaze amaphoyisa ukuba ehlolele leligciwane, bonke asebethole ukuthi banalo bedle imishanguzo njengezeluleko zabasebenzi bezempilo. Uthe amaphoyisa kumele ezinakekele, avikele nathandana nabo.
“Abantu kumele bezazi, bethathe isinqumo esifanele emva kwalokho ukuze bezoqinisekisa ukuthi bavikela bonke abakhathalele,” kusho uMkhize. Kulo mcimbi kuphinde kwakhunjuzwa amaphoyisa ukuthi ukubheduka kwaleli gciwane kukhahlameza wonke umuntu.






