
SIZWAKELE nkalo zonke isililo ngokwedlula emhlabeni kobengumengameli weNational Freedom Party (NFP) uNkk Zanele KaMagwaza Msibi (59), oshonele kwesinye sezibhedlela eMhlanga eThekwini, ekuseni ngoMsombuluko ngemuva kokuxinwa ukugula.
UkaMagwaza Msibi ongadingi ukuchazwa ngamagalelo akhe kwipolitiki kulabo abayilandelayo ubesegule isikhathi eside futhi ehamba nakho, kusukela ngo-2014 ngemuva kokushaywa yisifo sohlangothi eyiPhini likaNgqongqoshe wezeSayensi nobuChwepheshe kuzwelonke. Izindaba zokushona kwakhe zimenyezelwe kwabemithombo yezindaba yiLungu lePhalamende kuzwelonke elimele iNFP, uMnuz Achmed Shaik Emam. Ushone nje iqembu lakhe belisanda kumemezela ukuthi lizogadla ngaye emikhankasweni njengoba kubhekwe okhethweni lohulumeni basekhaya. Usuku lokhetho kulindeleke ukuthi lumenyezelwe ngokusemthethweni nguNgqongqoshe wezokuBusa ngokubambisana neziNdaba zoMdabu, uDkt. Nkosazana Dlamini-Zuma ngemuva kokuba iNkantolo yoMthethosisekelo ikhiphe isinqumo ngokuhlehliswa kanye nokubanjwa kwalo.
Phakathi kwamaqembu ancome isibindi namagalelo kaNkk Magwaza-Msibi ngokuba ngowesifazane wokuqala ukuphumela obala asungule iqembu lezombusazwe ephuma kwelinye iqembu elikhulu, kubalwa i-African National Congress (ANC), i-African Transformation Movement (ATM), I-United Democratic Movement (UDM), iNkatha Freedom Party (IFP), iDemocratic Alliance (DA), i-Economic Freedom Fighters (EFF), i-Abantu Batho Congress (ABC), i-African Freedom Revolution, ukubala nje amaqembu ambalwa. Cishe uNkk Magwaza Msibi ukukhula kwakhe nokuvuthwa kwezombusazwe kuqale ku-IFP, kwaze kuba usungula iqembu lakhe i-NFP. Umlando uveza ukuthi ujoyine i-IFP ngo-1975, wakhula nalo engena ezikhundleni ezahlukene, kusukela emazingeni aphansi, waba yimeya yokuqala eZululand, wabanguSihlalo we-IFP kuzwelonke, ngemuva kwalokho wasungula i-NFP, eyathela njengembumba okhethweni olwalungo-2014, nakolomasipala. I-NFP yethulwa ngokusemthethweni ngoJanuwari 25, 2011 ngaphambi kokuba kube nokhetho lohulumeni basekhaya nalapho yashaya khona yabhubhisa kwezinye zezingxenye ezazaziwa kakhulu ngeze-IFP, okubalwa iDumbe noNongoma. Ukugula kwakhe, kubukeka kube nokuthikamezeka kwezinhlelo zokuqhubeka nokwenza kahle kwaleli qembu njengoba alikwazanga ukubhalisela ukhetho lohulumeni basekhaya ngo-2016. Ushiye emhlabeni umyeni wakhe uMnuz Mandla Msibi kanye nezingane zabo ezimbili uGugu kanye noMelusi. Ngesikhathi sokuloba ngoLwesibili bekulindeleke ukuthi undunankulu wesifundazwe uMnuz Sihle Zikalala kanye nethimba lakhe bayoveza amehlo kwaMsibi. Namalungiselelo omngcwabo abengakaphothulwa.






