
UMNYANGO wezeziMali kwisifundazwe usuqhamuke nohlelo lokufukula abantu besifazane ukuze bakwazi ukuxosha ikati eziko. Umnyango unikelele abantu besifazane abaphethe imifelandawonye ngemishini yokuthunga ukuze bakwazi ukuqhuba amabhizinisi abo.
“Ngiyaqonda senilinde isikhathi eside kakhulu ukuthi nikwazi ukuthola lemishini esanithembisa yona. Mangiqale ngokunikhumbuza ukuthi inyanga ka-Agasti sigubha ngayo minyaka yonke abantu bakithi besifazane, omama, amakhosikazi, imbokodo. Kuyangijabulisa ukuthi abaningi benu abaphethe lemiphilandawonye esiyihambele namuhla bangabantu besifazane. Sizibeke eqhulwini izinhlelo zokubasiza abantu besifazane ukuba babe yingxenye yomnotho bawukhulise,” kusho uNkk Nomusa Dube Ncube onguNgqongqoshe womnyango wezeziMali. Uqhube wathi muva nje ubehlangene nabaphathi nezimeneja zesifazane zoMnyango kaMgcinimafa esiFundazweni, bakhulume ngokuthi bangabathuthukisa kanjani abesifazane namabhizinisi abo. Kulokhu babala nayo imiphilandawonye eyizinjini zomnotho wezwe. “Kuyiqiniso elingephikwe ukuthi uHulumeni udlala enkulu indima ekuthuthukiseni osomabhizinisi abancane kanjalo nemiphilandawonye. Ucwaningo emhlabeni jikelele kanjalo nakwinhlangano ebolekisa ngemali emazweni omhlaba i-International Monetary Fund (IMF), luyaveza ukuthi iminotho eminingi emazweni aseNingizimu yeMpumalanga ne-Asia anenqwaba yalokhu esithi imiphilandawonye nosomabhizinisi abancane abadlala enkulu indima ekulekeleleni ukuthi umnotho ume. Lokhu kuvela kulento abayibiza nge-value chain. Uma ubheka izinkampani eziningi ezinkulu zithenga imikhiqizo kuma-SMMEs kanjalo nemiphilandawonye ukuze zakhe imikhiqizo emikhulu. Lokhu kwenza ukuthi imiphilandawonye kanjalo nosomabhizinisi abancane bakwazi ukuthuthuka baze bafikele kwelinye izinga,” kuchaza uNkk Dube-Ncube.
UDube-Ncube uthi asehlukile kakhulu ngoba nathi sinabo osomabhizinisi abancane futhi abakhiqizayo, futhi banayo nemiphilandawonye ekwazi ukukhiqiza imikhiqizo eminingi. “Ukufika kobhubhane lweCovid-19 kwakulethe nethuba lokuthi osomabhizinisi bakithi bathole ithuba nabo lokuhweba kusavalwe amachweba. Kodwa lelothuba lasedlula. Nakuba kunjalo ziningi izifundo esazifunda ngalokhu ngoba kwacaca ukuthi ithuba likhona kodwa lidinga nokuthi singuHulumeni singenelele kwezinye zezinto. Imiphilandaownye inendima ebaluleke kakhulu nakuHulumebni wethu kulesiFundazwe ngoba nomnyango wezokuThuthukiswa uMnotho nezokuVakasha oholwa uMnuz Ravi Pillay unophiko lwayo imiphilandawonye ngaphansi kwesigaba esiphethwe uMama uManzi. Ngenkathi ngisekulowoMnyango ngayibona ukuthi ingakanani indima edlalwa imiphilandawonye ekwakheni amathuba emisebenzi kanjalo nokukhipha abantu kwindlala nobumpofu. Ilinganiselwa ku-1 062 imiphilandawonye engaphansi kohla lomnyango wakwaEDTEA. Lemiphilandawonye yenza okuningi uma ngingabala nje yenza izingubo, ezokulima, ukubhaka, ukwakhiwa kwefenisha, izitini, ukugotshwa kwensimbi,” esho. UNgqongqoshe uthi konke lokhu akubalayo kuyizinto ezibalulekile ezingasetshenziswa ukuxosha ikati eziko. Uveze ukuthi KwaMashu naseClairewood kunezindawo eziningi eziphethwe yibhange likaHulumeni iThala okungakwazi ukuthi kukhosele ngaphansi kwazo imiphilandawonye ukuze ibe nendawo ephephile nezothile yokwenza ibhizinisi ibe ikhokha imali engatheni yerenti. UDube-Ncube uphethe ngokuthi athi imboni yendwangu ibaluleke kakhulu, ngakho ibashayela ihlombe abantu besifazane abasebenza kanzima kule mboni.






