
KUZODINGEKA abantu besifazane ekulungiseni umonakalo odalwe uKhuvethe kanye nezibhelu KwaZulu-Natal, uhulumeni wesifundazwe uthembisa ukuthi ingxenye enkulu yezinhlelo ezizoqhutshwa zizohlomulisa kakhulu abantu besifazane ukuze kuzovalwa igebe lokungalingani phakathi kwabo namadoda.
Lokhu kuvele emcimbini obuhlelwe uMnyango wezokuHlaliswa kwaBantu kanye neMsebenzi yoMphakathi wsesifundazwe, wokubungaza inyanga yabesimame obuseGreyville Convention Centre muva nje. UMnuz Jomo Sibiya ongungqongqoshe womnyango, uthe kusemqoka ukuthi abesimame bebekwe phambili ezinhlelweni eziqhutshwayo ngoba yibo abadlala indima enkulu ekwakheni imiphakathi. Uthe kumele bephinde befakwe ezikhundleni ezibalulekile ngoba banobuhlakani obumangalisayo. UBoyce uthe kuyadumaza ukuthi abesimame basalwela ukwenziwa ingxenye yakho konke okwenziwa emphakathini nakuba baqala ukukulwela kusukela ngezikhathi zobandlululo. Uthe kumele kuliwe nakho konke okucindezela abesimame, ikakhulukazi izinkoleloze ngamandla wabo. Uthe lokhu kubukela phansi imisebenzi yezishoshovu zenkululelo.
Kulo mcimbi kuphinde kwavulelwa abesimame abebewuthamele ithuba lokubuza ngezinhlelo eziqhutshwa ilo mnyango kanye nezinkinga ezikhungethe abesimame emphakathini wonkana. Bakhale kakhulu ngokuntula kwemisebenzi, ububha, kanye nesihlava sokuhlukunyezwa kanye nokubulawa kwabantu besifazane. UNks Gugu Sikhakhane obethamele lo mcimbi, uthe ukholwa ukuthi inkinga yokuhlukumezeka kwabesimame kanye nokusetshenziswa kwezidakamizwa ngokweqile kuncike kakhulu ekudlondlobaleni kobubha. Uthe uma kungaba nendlela yokubhekelela lokhu kungenzeka umehluko omkhulu. “Odabeni lokwenza umehluko emphakathini, ngikholwa ukuthi kukhona okusemandleni wethu singabantu ebese kuba khona okudinga uhulumeni. Kungaba kuhle ukuthi kube nezinhlelo ezizobhekelela ukuthi labo ababona izinto ezingezinhle emphakathini bayakwazi ukuxhumana ngqo nezinhlaka zikahulumeni ukuze kuzothunyelwa usizo,” kusho uSikhakhane.






