Isihluku kuxoshiswa okwezinja ababhidlikelwa yimizi

0
79
Basale dengwane abantu abaxoshwe ehholo laseTehuis Hostel

KUBATSHAZWA isihluku kuxoshiswa okwezinja abantu ababhidlikelwa imizi ngenkathi kunezikhukhula ngo-Ephreli, abebebhaciswe ehholo lasehostela eTehuis eMlazi, abagcine bephoqeleka ukuba belale ngaphandle kwesiteshi samaphoyisa akwaSAPS eLamontville, kubo obekukhona abesimame nezingane.

Okukhalisa abantu ukuthi nakuba izikhulu zikahulumeni zathembisa ukusebenzisa izizumbulu zemali ukubalekelela kodwa sekuze kwaba imanje abantu basabhace emahholo omphakathi nakwezinye izakhiwo zikahulumeni. Abantu behlelwa ilo mshophi nje, isimo sezulu besingesihle okwenza kube nezikhalo mayelana nokungenwa kwabo ukugula. UMasipala weTheku uthembise ukuthi abantu bazotholelwa indawo yokuhlala. Kwisitatimende esithunyelwe kwabezindaba, umasipala uthe usazokwenza uphenyo mayelana nembangela yokuxoshwa kwabo eTehuis Hostel. Isitatimende siveze ukuthi abantu bayiswe esiteshini samaphoyisa njengendlela yokubagcina bephephile.

Okhulumela umasipla uMnuz Msawakhe Mayisela, uthe umasipala ubungakulindele okwenzekile. Uxolise kubo bonke abathintekile kulolu daba. Ucele umphakathi ukuba uzwelane nabantu ababhidlikelwa imizi yabo, kube nokubambisana ukuze bezokwazi ukusizakala. INkatha Freedom Party (IFP) isiveze ukuthi izofaka isikhalo kwiSouth African Human Rights Commission (SAHRC) ngokudicileka phansi kwesithunzi sabantu. OnguSotswebhu we-IFP kwisiShayamthetho sesifundazwe uMnuz Blessed Gwala, uthe bazofakela uhulumeni wesifundazwe isikhalo. “Abantu besifazane, izingane kanye nabantu asebekhulile baphoqelekile ukuba belale esidlangalaleni emva kokukhishwa ngendluzula ehholo laseTehuis. Ngokusho kwabo, bebesabela ukulahlekelwa impahla yabo ngenkathi belayishwa emabhasini bephoqwa ukuba beyolala esidlangalaleni,” kusho uGwala.

Uthe iNkatha yasho kudala ukuthi uhulumeni kumele ethole umhlaba lapho kuzokwakhelwa khona abantu kodwa iziphakamiso zayo azilalelwa. Uthe nakuba bekujabulela, futhi bekuncoma ukuthi zaphephiswa izimpilo zabo kodwa kuyadumaza ukuthi azikho izinhlelo nesabelomali sokubhekana nomonakalo wezikhukhula. Kwenzeka lokhu nje, uNdunankulu wesifundazwe uNkk Nomusa Dube-Ncube, usanda kumemezela ukuthi kubekwe eceleni imali elinganiselwa ku-R326 million wokwakha izindlu ezizonikezwa abantu ababhidlikelwa imizi. Uthembise ukuthi kuzophela uNovemba abantu sebehlala ezindlini zabo. “Mukhulu umehluko owenzekayo. Baningi abantu asebenezindlu. Isibalo sezakhiwo zomphakathi abebebhaciswe kuzo sesehle sisuka ku-135 saya ku-80. Uhulumeni ukwaze ukuhlinzeka abantu ngezindawo zesikhashana ezingu-1 315 isifundazwe sonke, kuzo ezingu-1202 sezihlala abantu,” kusho uDube-Ncube.