
UNGQONGQOSHE woMnyango wezokuThutha, ukuPhepha nokuXhumana koMphakathi KwaZulu-Natal uMnuz Sipho Hlomuka, useqinisekise umphakathi ukuthi izinhlelo zokulwisana nobugebengu zibekwe eqhulwini kuhulumeni wesifundazwe.
Lokhu kulandela umhlangano owawubanjwe eMlazi ngo-Ogasti, lapho izinhlaka ezehlukene zezokuphepha zazibonisana ngezindlela zokulwisana nobugebengu kulesifundazwe. Umphakathi wawucele lo mhlangano ngenxa yokunengeka ukubheduka kobugebengu. UHlomuka uthembise ukuthi zikhona izinhlelo zokulwisana nobugebengu, futhi ziyawenza umehluko. Ethula inkulumo yakhe kwimbizo yobugebengu ebiseKing Zwelithini Stadium, eningizimu yeTheku, ngoMgqibelo, uHlomuka uthe uhulumeni ngeke uyekelele abantu bahlale ngokwesaba. Le ngqungquthela ibihlelwe uMnyango wamaPhoyisa, yenzeka ezindaweni ezehlukene eThekwini. Iqale eNanda, yaya ePinetown, eMlazi naseClermont. Zonke lezi zindawo zinezinhlobo zobugebengu ezihamba phambili ngazo.
Kwizibalo zakamuva zobugebengu ezakhishwa uMnuz Bheki Cele onguNgqongqoshe wamaPhoyisa, kwavela ukuthi iNanda ihamba phambili ngamacala abhekiswe ezinganeni nakubantu besifazane njengokunukubeza ngokocansi nokudlwengula. Umlazi uhamba phambili ngezigameko zokudunwa kwezimoto nokubulawa kwabantu. KwaDabeka khona kubheduke izimpi ngombango wokuthengiswa kwezidakamizwa, cishe impelasonto ngayinye kukhona abantu ababulawa ngenxa yakho. UHlomuka uthe uhulumeni wesifundazwe uhlele ukuthi kunqadwe ubugebengu ukuze kuzoba nokuthula emphakathini, abantu bengahambi ngokujeqeza ngoba lokho kubaphuca ilungelo labo lokuhlala endaweni ephephile.
UCele uthembise ukuthi umnyango wakhe wenza ngokusemandleni ukulwisana nobugebengu, wancoma namalungu omphakathi abamba iqhaza kwizinhlelo zokulwisana nobugebengu emphakathini wawo. Uphinde wathembisa ukuthi umnyango usuqalile ukulungiselela uhlelo lokubaholela ngoba izinhlaka zomphakathi ezilwisana nobugebengu zibambisene namaphoyisa, futhi sekuvele ngokusobala ukuthi amaphoyisa ayaludinga usizo lomphakathi ekulweni nobugebengu. “Siyawazi futhi siyawubonga umsebenzi owenziwa izinhlaka zomphakathi. Yingakho umphakathi usunxuse ukuba kube nesibonelelo ezisitholayo, ngiyathembisa ukuthi sizwakele leso sikhalo,” kusho uCele.
Nakuba ziziningi izikhalo ngamaphoyisa angenzi kahle, uCele uthe ukungenzi kahle kwedlanzana lamaphoyisa akumele kungcolise igama lombutho futhi zikhona izinhlelo ezibhekelela ukukhuculula ukungcola embuthweni. Nakuba uCele enze izethembiso eziningi kodwa izakhamuzi zaseMlazi zithi akusekho okuyobuyisa ithemba kuzo ngaphandle kokuba kuphele ubugebengu kuleli lokishi. Zithi sezethenjiswe okuningi okungafezeki. Zikhale ngokungabonakali kwamaphoyisa, ukudonsa kancane kwezinhlelo zokuthungatha izigebengu kanye nokushoda kwezinsiza. UCele uthembise ukubuya nezimpendulo emva kwesikhathi esingangenyanga.






