
EKULEKELELENI kwayo umphakathi, inxanxathela yezitolo yaKwaMashu, iKwaMashu Shopping Centre, seyithembise ukuthi izonikelela iSekusile Day Care Centre. Kusukela ngezibhelu zangoJulayi, le nhlangano engenzi nzuzo, ibidinga usizo khona izoqhubeka nohlelo lwayo lokuphakela izingane ezinakekelwa ile nhlangano engenzi nzuzo kulo mphakathi.
“Sibone ukuthi baningi abantu abakhahlanyezwa izibhelu. Ezinye izinkampani zavalwa okwesikhashana, abantu balahlekelwa yimisebenzi abanye bangayithola imiholo yabo egwele,” kusho iMenenja yezokuKhangisa. Imenenja iqhube yathi kukho konke okwenzeka, okubalwa nokucekeleka phansi kwengqalasizinda, umphakathi wabuya wazosiza le nxanxathela yezitolo ngokuhlanza kuyo nasezindaweni esondelene nazo. Umkhankaso wayo wakamuva awuvuni okwenzekile kodwa ugxile ekuqiniseni ubudlelwano nabathengi ngokwelula isandla sosizo. “Sizama ukubonga emphakathini, futhi sizama ukuwutshengisa ukuthi sinawo ngezikhathi zobunzima, siwutshengise ukuthi siyakuthokozela ngokusiza lapho sikwazi ukusiza khona.” Kunikelwe ngokudla nezinye izinsiza ezidle imali engu-R25 000 okunikelelwe iSekusile Day Care Centre ngomhlaka 21 Disemba. Umnikelo wamukelwe inhlangano. Lenxanxathela yezitolo ibonge iSekusile Day Care Centre ngokumelana nomsebenzi kanye nemzamo yayo yokusiza umphakathi. Encwadini yokubunga kaNks Samkelisiwe Chili onguMqondisi weSekusile Day Care Centre uthe: “Ngibhala le ncwadi egameni lenhlangano iSekusile ukubonga ngomnikelo oyisimanga. Umnikelo wenu ubalulekile kithi, uyasiza ukuthi siqhubeke nokusebenzela umphakathi. Kuyangijabulisa ukuveza ukuthi izingane nabasebenzi bawujabulele umnikelo wokudla odle u-R25 000. Siyakholwa ukuthi ukusiza abahlwempu kuletha ukuthula nomphakathi onempilo, ubulungiswa bothando nokuthula kuNkulunkulu ezinhliziyweni zethu.”






