
AMALUNGU omphakathi kanye nabalandeli be-African National Congress (ANC) bawutha ubomvu ngesinqumo seNkantolo sokunikeza abasolwa ibheyili ecaleni lokubulawa kwamalungu alenhlangano eNanda, ngoSephethemba 11, ngonyaka odlule.
UNksz Ncami Shange (34), uNkk Beatrice Nzama (60) kanye noPhilisiwe Jili (37) badutshulwa babulawa ngesikhathi besemgqekeni wokungena emhlangweni wegatsha le-ANC okwakuzokhethwa kuwo owayezoyimela okhethweni loHulumeni baseKhaya ku-Ward 54, obelungoNovemba nyakenye. Umhlangano okwatheleka kuwo imoto yohlobo lwe-Opel Corsa eyayinabantu okuthiwa bavulela ngenhlamvu wawubanjelwe esikoleni esikoleni samabanga aphansi uBuhlebethu, eNanda Newtown C.
USiyabonga Lundy, uSibongile Buthelezi, uSamukelisiwe Maphumulo noThembinkosi Mkhwanazi ababoshwe ngamalungu ethimba lezepolitiki mayelana nalesi sigameko, ngoLwesine olwedlule eNkantolo yeMantshi eNtuzuma ibanikeze ibheyili ka-R3000 umuntu emunye, kanti omunye wabasolwa uSiyabonga Lundy yena okuvele ukuthi ugula kakhulu ibheyili uyithole ngoLwesithathu ngaphambi kokuba abanye bayinikezwe ngoLwesine. Lesi senzo sokunikezwa kwabasolwa kuleli cala okulindeleke ukuthi libuye liqhubeke kuleNkantolo ngoFebhuwari, 2 kuthukuthelise kakhulu amalungu omphakathi kanye nabalandeli be-ANC abebesemagcekeni eNkantolo futhi bebhikisha bephethe nezingqwembe ebeziphikisana nokunikezwa kwabasolwa ibheyili. Ngaphambi kokuthi uLundy anikezwe ibheyili, encwadini yakhe efungelwe ebhalelwe inkantolo ubalule ukuhluleka kwezinso njengesifo okungeke akwazi ukuthola ukwelashwa okufanele ngesikhathi eboshiwe.
UMmmeli uMnuz Melusi Xulu, omele uLundy, Buthelezi noMaphumulo, unxuse iMantshi uMnuz Sicelo Zuma ukuthi ibhekelele ukuhambisana nomthethosisekelo wesicelo sebheyili sabasolwa. “Ukungabi bikho kwekhasimende lami enkantolo kuwubufakazi obengeziwe bokuthi isimo salo sihlukile. Ngokwemiyalelo yami, ikhasimende lami lalisho kaningi ukuthi impilo yalo iphathwa kangcono ekhaya kunasekuvalelweni,” kusho yena. Uthe umthethosisekelo wezwe ubeke phezulu umoya wobuntu. “Akumele sibuyele emuva ezinsukwini zangaphambi kuka-1994 lapho abasolwa ababeboshiwe babengaphansi kwezimo ezinonya.” Ukuqhubeka kokuqulwa kwecala kudingeke ukuthi kuhlehliswe isikhashana ngesikhathi ababhikishi ababethukuthele bezama ukugasela ngaphakathi enkantolo becula izingoma zomzabalazo. Lokhu kwenzeka naphezu kokuba amaphoyisa ab abekhona. Ababhikishi, abanye babo abebegqoke imifaniswano ye-ANC, bathe bayaphikisana nokuthi abasolwa bathole ibheyili.
Abasolwa bathola ibheyili nje umshushisi woMbuso, u-Advocate Yuri Gangai ubetshele inkantolo ukuthi akahambisani nokudedelwa kwabasolwa abane. Uthe bagebenge imindeni yabesifazane abathathu ababulawe ngesihluku baphinde balimaza abahlanu abacishe bashona kubantu abebehambele umhlangano.“Izinga lodlame luyinto ebalulekile okumele ibhekwe,” usho kanje. Uthe abasolwa bebehlangene emhlanganweni obuyimfihlo lapho bekubhungwa khona itulo lokuphazamisa umhlangano wokuqoka abazomela i-ANC okhethweni lwangoNovemba. Uthe lo mhlangano ubuhlanganise amalungu esigungu esiphezulu segatsha laku-ward 54, afuna kukhethwe umuntu abamncamelayo. “Abamangalelwa bebefuna ukudelela inqubo yokhetho enobulungiswa futhi babe nenzuzo,’’usho kanje. Uthe ukugcwala komphakathi ngaleli cala eliqulwayo kuphinde kwafakazela khona ukuthi umphakathi uyayiphikisa ibheyili. -Icala liyaqhubeka






