ITHATHE elinye igxathu kulonyaka imidlalo yokuhlonipha kanye nokubungaza iNyanga yeMbokodo ebibanjelwe enkundleni yezemidlalo, iKing Zwelithini Stadium, eMlazi, ngeSonto lapho kubonakale kutheleka namaqembu abephuma ezindaweni ezingaphandle kweTheku njengaKwaMaphumulo enyakatho yesifundazwe.
Kulonyaka lemidlalo ehlelwa yiBring Back Life Foundation (BBLF) okuyinhlangano engenzi nzuzo, ibusiswe ukuhanjelwa abemikhakha ehlukene kukhona nezimenywa eziqavile okubalwa kuzo noNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMphakathi kulesi sifundazwe, uNkk Nonhlanhla Khoza, nobuye wabanesidlo yasemini nogogo ebacobelela ngolwazi ngezinto okufanele bazenze njengabantu asebekhulile.
Kulemidlalo ebeyindumezulu kanye nesasasa lapho kubonakale khona ogogo bejabulile nabantwana bejabulile bekuyimidlalo enhlobo nhlobonhlobo okubalwa ibhola lezinyawo labaneminyaka engaphansi ku-13, kube elabaneminyaka engaphansi kuka-21 lapho bekunamaqembu abesuka KwaMaphumulo, kube yiNetball yabantwana u-U/15, Ibhola lezinyawo lika-U/9 kube yiBasket ball, kube yizindlela zokucijwa kwezemidlalo ehlukahlukene, ikarati ka-U/15, kube yisibhakela ebesiphethwe uraba u345 Gumede.
Ephawula ngalemidlalo uSihlalo weBring Back Life Foundation, uMnuz Sanele Shangase, uthe ubonga impumelelo yayo nokukhombisa ukuthi ibaluleke kangakanani ekusizeni umphakathi ngokuqwashisa ngamasu okubuyisela isithunzi sobuntu.
“Ngibonga ithimba leBring Back Life Foundation elisebenza ngokuzikhandla, elaziyo ukuthi kufanele libeke abantu bakithi phambili lapho elaziyo ukuthi alibheke nzuzo. Siphinde sibonge nabo bonke abasilekelelile okunguMkhandlu weTheku, ophikweni iDepartment of Community Participation, uMnyango wezeMidlalo nobuCiko, uNkk Amanda Bani-Mapena, uMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi oholwa uMama uNkk Nonhlanhla Khoza, uSabelo Mpungose ophonsile esivivaneni ngokwelekelela ukuthi umcimbi ukwazi ukuqhubeka, siphinde sibonge nakufowethu uMaMillion ngokuphatha kahle uhlelo bebambisane nobaba uLangalakhe Zwane.
Siphinde sidlulise ukubonga nasemphakathini wonke waseMlazi obusikhulekela ukuthi lomcimbi ube yimpumelelo phezu kokuba bekukhona ingcindezi kepha siyethemba ukuthi lenhlangano engenzi nzuzo lokhu esikwenzile uNkulunkulu usazophinde asiphe amandla sikwazi ukuqhubeka nokusiza abantu bakithi.






