
IDEMOCRATIC Alliance eThekwini ithi seyilindele ukhetho loHulumeni baseKhaya ukuze ikwazi ukulungisa isimo esichaza ngokuthi kasihambi ngendlela kuMasipala waseThekwini ophethwe yi-African National Congress (ANC).
Lokhu ikusho ngemuva kokubhuntsha komhlangano wokuqokwa kwePhini leMeya yeTheku ngeledlule ngoba isibalo samakhansela esesimthethweni ukulungela ukuqhuba umsebenzi wosuku singahlangani. Lo mhlangano bekufanele ukhethe iPhini leMeya elisha ngemuva kokusula kukaBelinda Scott ngoFebhuwari. Lo mhlangano futhi bekungumhlangano ojwayelekile woMkhandlu obubheka umsebenzi wenyanga. Esitatimendeni se-DA esithumele kwabezindaba ngemuva kokubhuntsha komhlangano kuvele ukuthi beseyicele kaningi ukuthi kuvotelwe ukuqokwa kwePhini elisha leMeya, kodwa ithi uSomlomo kaMasipala ubengiyingeni leyo. “I-ANC igcine ikhombe ozobamela futhi yafaka uDiana Hoorzuk kwiKomidi eliPhethe ngenyanga edlule. Kuyacaca-ke nokho ukuthi wayengeyena umuntu okhethwe yi-ANC,”kusho isitatimende se-DA.
“Ngo-11 ekuseni ngosuku lomhlangano nangemuva kokudlula kwehora, uSotswebhu we-DA uKhansela Thabani Mthethwa uphoqe isandla sikaSomlomo uWeziwe Thusi ukuthi awuhlabe umhlangano ngokoMthetho Wokuhleleka. Imithetho icacile ukuthi umhlangano awusavumelekile uma ungahlali ngesikhathi esithile. I-ANC ibisaqhubeka nokukhalaza futhi ibingakafiki egunjini loMkhandlu,”kuqhuba isitatimende. “Isimo sokuphepha e-ICC naso besiyinkinga, lapho amalungu e-SANDF abekhona kanye nabaqaphi bezikhulu bebebonakala bebikelwa,”sisho kanje. Ngaphandle kokukhetha iPhini leMeya, i-DA ithe umhlangano wangenyanga edlule ubuzobheka izindlela ezibucayi zokusiza amabhizinisi ngemuva kwezidubedube zaseThekwini, ukulungiswa kwezabelomali ezehlukene nokuthengwa kweDurban Solid Waste.
Iqhube yathi, kwenzeka okufanayo esikhathini esingaphansi konyaka – ngoNovemba 2020, lapho i-ANC yayingakwazi ukunquma ukuthi ngubani ozoba yiBamba leMenenja yeDolobha. “Konke lokhu kukhombisa ukuthi i-ANC yinhlangano ehlukene kakhulu futhi ihlukene phakathi igxile kakhulu ezingxabanweni zayo zangaphakathi kunenqubekela phambili yaleli dolobha,”isho kanje. “I-DA ibheke phambili okhethweni loHulumeni baseKhaya nokuthi izakhamizi zeTheku zigcine ngokukhombisa le ndawo umnyango.






